Izindaba

Kufe (3) izigelekeqe zizama imali kaDisemba

Sihle Mkhize

ZIWAQALE kabi amaholidi kaDisemba izigelekeqe ebezizama inhlanhla ziyobamba imoto ethwala imali kwaThema, eGoli ngoMgqibelo.

Abazibonele ngamehlo bathi bekungathi kudlala ifilimu amaphoyisa nabezinkampani zonogada bedubula bebulala abasolwa abathathu bafa ujuqu.

Abakwasidlodlo bakwazile futhi ukubopha abanye abasolwa abathathu abebemdibi munye nalabo abangqoklozwe ngenhlamvu babulawa.

Ngesikhathi sebelele phansi beseshwa kutholwe izibhamu ezimbili ezinkulu nesincane esigcwele izinhlamvu.

Kuvele ukuthi akusibo labo kuphela ababoshiwe nababulewe kwabathintekayo kulobu bugebengu kodwa kunabaphunyulile badla phansi.

Kumanje bafunwa njengembuzi yomsebenzi.

Labo ababoshiwe babhekene namacala okubalwa okuzama ukubulala, ukuba nesibhamu esingekho emthethweni, nokuhlela ukubamba imoto yemali.

Ngokusho konogada labasolwa badedele imbumbulu yezinhlamvu bezama ukuchaba indlela kanti bafike zigawulwe zabekwa.

Baphindiselile nabo kwasala enkundleni abasolwa ababili.

Kube sekuboshwa abanye abasolwa abathathu abebemdibi munye nalabo ababulewe.

Khonamanjalo esigamekweni esingahlobene nesingenhla amaphoyisa adubule abulala abasolwa ababili eMpangeni, kwaZulu-Natal.

Ngokombiko wamaPhoyisa abenza umsebenzi wawo wenjwayelo ngesikhathi eqaphela imoto emhlophe eyiveni.

Le moto ibipake onqenqemeni lwezimoba ku-Old Road kuyo lendawo.

Ngesikhathi amaphoyisa esafuna ukuxoxa nabo bavulele ngenhlamvu bebhekise ngakuwo kwaba ukusuka kothuli lweZichwe.

Emuva kwemizuzu igagazisana ngenganono abasolwa basale enkundleni begugile izinhlamvu emzimbeni.

Amaphoyisa azithathile kwalezo zibhamu abedutshulwa ngazo kwatholwa nezinhlamvu.

Related Articles

Back to top button