Izindaba

Unabile induku obentshontshela amakholwa esontweni

Sihle Mkhize

USHAYWE amakholwa wanaba owesilisa (24) ongene endlini yesonto wantshontsha izimpahla ezibiza imali eshisiwe.

Ukwenze lokhu ngesikhathi amakholwa esalungiselela ukungena kwenkonzo endaweni yaseBuffelsdraai, kwaZulu-Natal.

“Amalunga eReaction Unit South Africa (RUSA) ashayelwe ucingo esontweni kuthiwa akaphuthume . Ngesikhathi befika anogada bazithele bephu kwequlu labantu bengunge indoda ebigxiza igazi ngenxa yokulimala ebusweni,” usho kanje.

Uphenyo luveze ukuthi umsolwa uthole intuba yokungena esontweni ngesikhathi amalunga ebandla esazilungisela.
Isigilamkhuba sibe sesibanjwa oqotsheni sizitapela ezimpahleni zamakholwa.

“Lesi sigilamkhuba siboshwe amalunga ebandla kusalindwe abomthetho. Kusalindwe abomthetho lesi sigilamkhuba sibone intuba ngewindi seqa sabaleka siyongena ehlathini,”

Kulapho ke kuthiwa iqulu labantu obese kuhlanganisa amalunga omphakathi amjahe ambamba aphinda amthela induku okwesibili.

Khonamanjalo kwesinye isigameko esenzeke ngeSonto nesingahlobene nalesi abeRUSA babike ukuthi kubulawe owesifazane (22) emjondolo yaseCanelands khona kwaZulu-Natal.

Onogada babiziwe endaweni yesigameko bafica isidumbu sidindilizile phansi ijezi elibrown abeligqokile ligcwele igazi.

Kugcine kuqinisekiswa ukuthi umufi owasendaweni ngoMgqibelo ebusuku wayekade ephuza ethaveni esendaweni.

Akwaziwa ukuthi ubani umsolwa kodwa omakhelwane bathi baqaphele isikibha sesoka likamufi ukuthi belinegazi emuva kokutholakala kwesidumbu.

Related Articles

Back to top button