Ezokungcebeleka

Kuphele ishobolo leminyaka engu-14 Ukhozi FM luhlabana

Sihle Mkhize

KUPHELE ishobolo leminyaka engu-14 uKhozi FM ikakhulukazi uhlelo olithandwa iningi uSgiya Ngengoma lihlabana ngendondo kwiSouth African Traditional Awards (SATMA) 2024.

Lolu hlelo lushayelwa uTshatha Ngobe osebuya amagemugemu ebambisene noBingelela Mpanza kusukela ngo-9 kuya ku-12 njalo ngoMgqibelo.

Akusiyo indondo eyodwa nje kodwa Ukhozi FM lubuye nezindondo ezintathu kuma Telkom Radio Awards akade ebanjelwe eSandton Convention Centre ngoMgqibelo kusihlwa.

Akubhekwa kuphela abasakazi kodwa nalabo abasebenza ngemuva kwemibhobho bayabhekwa.

Uhlulwe ukuzibamba uTshatha yinjabulo ehlabana noBingelela.

“Ngane zakwethu, ngiswele imilomo ezinkulungwane yokubonga enisenzele khona. Kuye njengamagama enkehli ngokwethembisa kwenu ukuthi nonyaka siyanqoba, nempela sabuya nayo emva kweminyaka engu-14 yahamba.

Amandla eninawo ngiyawesaba, uthando lwenu eninalo luyamangalisa. Siyabonga kakhulu, sengathi uNkulunkulu emuhle angakhumbula amaphakethe enu enicaphune kuwo, aniphe ngokuphindaphindiwe, egameni likaJesu uMsindisi wethu, Amen,” kubonga uTshatha.

Uqhube ngokuthi abalandeli babo abakaze babalahle kusukela esemncane efika emsakazweni uTshatha.

“Nina anikaze nasilahla, kusukela ngimncane ngifika emsakazweni selokhu nangithwala ngeqoma kuze kube namuhla. Ngikhuluma nje indondo yeshumi nane lena enginayo egameni lenu njengabalaleli, nangenxa yothando lwenu, kusele-6 sihlanganise izindondo eziwu 20, futhi uma ngibuka indlela eniseseka ngayo kuzokwenzeka. Siyabonga kakhulu bafwethu nodade, ” kugoqa uTshatha.

UBingelela Mpanza esika elijikayo ubonge kakhulu ukwesekwa.

“Siyabonga kakhulu ngokusiseka kwenu, zingane zakwethu. Niyakwazi ukumela iqiniso. UNkulunkulu anandisele into uma niyifuna niyayithola, kwande Zulu omuhle,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button