
Ikwerekwere isitha sami abahambe: Mthandeni
Sihle Mkhize
Umculi kaMaskandi uMthandeni Manqele usecula ingoma kawonkewomke ukuthi ‘amakwerekwere’ akahambe.
Ukusho lokhu eqeda kujabulisa abantu esteji emcimbini iDundee July 2026.
“Seniwaxoshile amakwerekwere, abahambe, abahambe, abahambe. Anike nithi Zulu, ngaphambi kokuthi ngivalelise ngicela ukushiya nanku umyalezo obalulekile”
“Ngicela ukuthi nizihlolisise emakhaya. Wonke umuntu unesitha somndeni wakhe wonke umuntu unesitha sakhe. Isitha sakho ikwerekwere. Njalo akuhlale kumhla ka-30 esitheni sakho usixoshe,” phakathi kokunye akushiwo.
Usho kanje isabambene ngezihluthu njengoba impi yokuxosha kwabantu bokufika abangenamaphepha kuleli ingakopheli.
Sikhuluma nje namhlanje (Msombuluko) kulindeleke ukuthi kuvele umsolwa enkantolo kaMantshi eThekwini ogwaze udadewabo kaMjosty amanxeba angu-40.
Lo mfundisi ongowokudabuka ezweni laseBurundi kuthiwa ubenesonto obekukhonza kulo udadewabo kaMjosty futhi benobudlelwano bezothando.
Kuthiwa bahlukane esikhathini esingaphezulu konyaka wanikwa incwadi yesivimbelo emaphoyiseni lo mfundisi.
Ngokuhamba kwesikhathi isonto lakhe livaliwe njengoba ikhula nsuku zonke ingcindezi yokuxoshwa kwabokufika abangenamaphepha.
Lo mfundisi owayeyisosha ezweni lakhe ube esefonela umgilwa ethi uyazi ukuthi isizathu esenza wamala yingoba uMjosty uyamzonda kwazise useka neMarch and March.
Kuthiwa utheleke kwakhe ezintatha ngomhla ka-16 wamhlasela wamgwaza amahlandla angu-40 kukhona nengane yentombazane endlini.
Umsunguli wenhlangano iMarch and March uJacinta Ngobese-Zuma unxenxa abantu ukuthi abaphume ngobuningi njengoba lo msolwa evela enkantolo.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



