
Isihluku kuMfundisi waseBurundi obebulala udadewabo kaMjosty
Aphelele Cebekhulu
Kubatshazwa isihluku kuMfundisi ogwaze udadewabo kaPastor Mjosty amanxeba angaphezu kwa-40 ngenhloso yokumbulala.
Lo mfundisi ongowokudabuka ezweni laseBurundi kuthiwa ubenesonto obekukhonza kulo udadewabo kaMjosty futhi bejola.
Kuthiwa bahlukane esikhathini esingaphezulu konyaka wanzelwa incwadi yesivimbelo emaphoyiseni owesilisa.
Ngokuhamba kwesikhathi isonto lalo mfundisi livaliwe njengoba ikhula nsuku zonke ingcindezi yokuxoshwa abokufika abangenamaphepha.
Lo mfundisi owayeyisosha ezweni lakhe ube esefonela umgilwa ethi uyazi ukuthi isizathu esenza wamala yingoba uMjosty uyamzonda kwazise useka neMarch and March.
Kuthiwa utheleke ezintatha izolo wamhlasela wamgwaza amahlandla angaphezu kwa-40 kukhona nengane yentombazane endlini.
IPurpose izibonele ngawayo amavideo indlu igcwele igazi kusukela emnyango, egumbini lokulala nasekhishini. Ubungafunga ukuthi bekuhlizwa inkomo.
Kumanje umgilwa usegumbini labantu abasesimweni esibucayi esibhedlela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMjosty waqopha ivideo esho ngazwi linye nabantu bakuleli ukuthi abahambe abantu bokufika abangenamaphepha.
Umsunguli wenhlangano iMarch and March elwisana nabantu bokufika uJacinta MaNgobese Zuma uhambele ekhaya lo mgilwa eyobhonga emswaneni.
“Akukwazi ukuthi ezweni lethu kugcaluze bonke abantu abebengamasosha aqeqeshiwe. Ngibuhlungu kakhulu ngalento eyenzekile”
“Ngiyathandaza ukuthi uNkulunkulu asiphe amandla okuthi sidlule kulobu bunnzima esibhekene nabo. Leli gazi elilaphaya lalo sisi nengane lisezandleni wahulumeni wethu,” usho kanje.
Uboshiwe umsolwa kuthiwa uzame ukuzibulala esesitokisini kumanje uzenza umuntu ogula ngekhanda.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



