Ezokungcebeleka

UMasipala ulahle okaMaskandi okwenyongo yenyathi ehlele umcimbi

Bahle Mkhize

Ukhala uyazithulisa umculi kaMaskandi u-Ali Mgube olahliswe okwenyongo yenyathi uMasipala wangakubo.

UMasipala waseMvoti umshaye ngesithende esicelweni sakhe sokuthola uxhaso sekusele izinsuku ezine kuqale umcimbi Igeza Winter Experience.

“Ngiyabonga ukuthi uthi umcimbi kowokuqala ube nesasasa abantu baphume ngobuningi bezoweseka. Ngifisa ukuthi kungabi owokuqala futhi kungabi owokugcina,”

“Ngifisa ukhule, labantu engibabone enkundleni angazi baphindeke kangaki. Ngiyazi baningi abantu abebengingabaza uma ngikhuluma ngalo mcimbi ukuthi uzobakhona ababengangikholwa,”

“Abantu bangakithi bakhombise ukungethemba kakhulu, ngibonga abaculi abakwazile ukufika bezongeseka emcimbini wami wokuqala,”

“Ngiphinde ngibonge kakhulu enhlanganweni ya-association wakingithi oholwa uNgcobo ekwazile ukuthi ingeseke umcimbi ube yimpumelelo. Nakumama uMzobe ongixhase ngenkomo ngikwazi ukuphatha kahle abafwethu kubanjwe izoso kube mnandi,”

“Ziningi izingqinamba engibhekane nazo nakuMasipala ezicweleni zami engangizifakile kuthe sekusele izinsuku ezine wazichitha. Wangizwisa ubuhlungu kakhulu ngoba thina baculi akukho lapho sithembele khona ngaphandle koMasipala bangasemakithi,”

“Ukubona uMasipala wangakini ukulahlisa okwenyongo yenyathi ngomzuzu wokugcina kungakumisela ngenhliziyo ufe ngisho ukufa. Mhlawumbe ukuba bengimgeyiyo indoda ngumuntu wesifazane ngabe ngalolu suku okuhlale ngalo umcimbi bekuzoba wusuku engingcwatshwa ngalo,” kulandisa uMgube abezindaba.

Umcimbi ubusezinkundleni zaseBusani High, eMatimatolo, eGreytown.

Phakathi kwabaculi abeseke lo mcimbi obungoMgqibelo ebusuku Imithente, uMenzi, Inkosi yamaGcokama nabanye abaningi.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button