Izindaba

UNyazi lihlabe abalithuka bengadakiwe lixolela iSilo

Liyakhiza Mseleku

Inkosi yamaNazaretha aseBuhleni uNyazi lweZulu itshele izindimbane zabantu ukuthi basithuka mihla namalanga bengadakiwe.

UNyazi beliphefumula emva kwandabamlonyeni wevideo egcwele ezinkundleni zokuxhumana lapho iSilo uMisizulu ebonakalayo eqiwe izimbiza zikaFaro embiza ngesilima.

“ISilo ngesalapha ekhaya, masiphambuka siyaphambuka. Uyise wamshiya kimi, waze wangihlabela inkomo wangifaka esibayeni. OkaNdaba ubamayile wabe esegudla ngakimi. Kangakanani nina eningithuka mihla namalanga ningadakiwe,”

“Ngiyamthethelela okaNdaba, ningabe seniqhuba le ndaba iyekeni. Ngivuleleni isihlabelelo kunombolo 94,” Kusho uNyazi kwaduma u-Amen.

Sisho lamagama emhlanganweni omkhulu kaJuly oqhubeka eBuhleni.

IHhovisi leSilo esigodlweni eMashobeni sithi maluju Zulu ayidle izishiyele.

Lixolisa emva kwevideo yeNgonyama.

Kule video iSilo sibe nanezinsolo zokuthi uNdlunkulu ujaha ukuya esontweni kwaShembe nje kunesesheli sakhe uMasango.

Akugcinanga lapho njengoba iSilo sibize uNyazi ngesilima.

ISilo besithelwe ngezibonkolo njengoba besithuka iNdlovukazi ngayo yonke inhlamba engabhaleki.

Sisho nokusho ukuthi sengathi wachathwa ngesichitho njengoba sesaba ngisho ukungena ebhizinisini naye ngenxa yamabhadi anawo.

ISilo sidinwe nawukuthi iNdlovukazi yahlangana neqembu lebhola iKaizer Chiefs lapho eyeyifisela khona inhlanhla.

“Uma ungumfazi wendoda uyacela, okungenani umkhwenyana wakho azi ukuthi uyaphi. AmaZulu akamthandi akamjabuleli neze,” kusho iSilo sibhekise kwiNdlovukazi kunomunye wesifazane obelokhu ethi Bayede.

Related Articles

Back to top button