
Kufunwa owaseMalawi onyamalale nomcebo ka-1 million womqashi
Aphelele Cebekhulu
Ukhala nezinyoni umqashi okwathi sekunikwe abakofika abakuleli ngokungemthetho unqamlajuqu ukuba bagoduke waqhubeka yena wafuya isisebenzi sasendlini esidabuka eMalawi.
Simgile igoda njengoba sishaye sachitha engazelele sakhala semuka nobucwebe begolide obungabiza isamba sika-1 million namacoin aseKruger.
Lo mcebo ubulokhu udluliswa esizukulwaneni salo mndeni ogilwe igoda.
Lesi sigameko senzeke eThekwini, esifundazweni KwaZulu-Natal ngeSonto.
Kumanje umqashi uhlaba umkhosi ucela usizo uthi lesi sisebenzi ebese sitohoze kuye iminyaka eyisikhombisa usola ukuthi silibangise kwelakubo eMalawi.
Asigcinanga ngobucwebe njengoba kusolwa nokuthi sintshontshe nesamba semali engango R10,000.
Ngokukamqashi, umsolwa waziwa uFatima Lawrence ubephinde aziwe ngo-Esther kwipassport yakhe.
Uneminyaka engu-28 ubudala kanti ushaye wachitha nendodakazi yakhe esencane eneminyaka emihlanu.
Umndeni uthi ubone ukuthi kukhona okushaya amanzi ubuya ekhaya ngezithuba zabo-17:30 ntambama.
Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngalo msolwa athinte inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) ngokuphuthuma ku-086 1234 333.
UJacinta MaNgobese Zuma ohola inhlangano yomphakathi esekhaleni ukuxosha abokufika abakuleli ngokungemthetho iMarch and March ujabule uyafa.
Uthe ehlangana nalezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana wathi senze kahle lesi sisebenzi ‘esikhuthele’.
“Umhla ka-30 June kwakunqamlajuqu kodwa umqashi wakho wacabanga ukuthi uhlakaniphe kakhulu jabula uhlabene” usho kanje.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



