
Zime emthumini kowase Brazil ebanjwa e-OR Tambo Airport nezidakamizwa
Bahle Mkhize
Zime emthumini kumlisa oneminyaka engu-39 ubudala ovela eBrazil, ebanjwa e-OR Tambo International Airport eshushumbisa izidakamizwa.
Ubanjwe ngoLwesihlanu ekuseni edlula ebheke eBenin lapho kukholakala ukuthi ubeyozidayisa khona.
Ubeshushumbisa izidakamizwa zenani lika R1.4 million.
“Ubuyiselwe eceleni wacelwa ukukhuthuzwa ngoba ubesolisa. Nebala kwatholakala izidakamizwa zohlobo lwecocaine ziboshelwe emzimbeni wakhe,”
“Uboshwe khona lapho, kulindeleke ukuthi avele eKempton Park MagistratesCourt ebhekene necala lokushushumbiswa izidakamizwa,” kusho amaphoyisa.
NgoJanuary abakwasidlodlo babike ukuthi kuboshwe abasolwa abangu-23 306, ababoshwa nezidakamizwa okuyinto eseyinkinga e-OR Tambo International Airport.
Abaningi babo basuka eBrazil kanti imvamisa izidakamizwa bazifihla ngokuzigwinya.
“Ngenxa yobuhlakani kwethimba lamaphoyisa, sesikwaze ukuvimba abashushumbisi abangaphezu kwa-20,” kuchaza amaphoyisa.
Lokhu kwenzeke ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.
“Sekubanjwe abasolwa abangu-3471 okuhlanganisa abayisithupha baseMozambique nabaseMzansi ababoshwa eStanderton, eMpumalanga”
“Kwase kuvulwe ifemu impela, kwatholakala imishini yezimoto nemishini engabiza uR27 million. Yathathwa amaphoyisa okuhlanganisa uR3 million owukheshi nowatholakala ebhuthini yeMercedes Benz,” kulandisa ezikaSenzo Mchunu.
Ngaso isikhathi esifanayo amaphoyisa avundulula esinye isidleke eWestonaria, eGauteng. Kuleso sigameko kwaboshwa abesilisa ababili.

Kwaba esifanayo ngomhla ka-7 March njengoba kwadicilelwa phansi izidakamizwa ezingabiza R340 millionĀ eWestern Cape.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



