Izindaba

Bashaye bachitha nesamba semali kubanjwa imoto e-Avoca

Aphe Gcwabe

Kuvalwe umgwaqo onguthelawayeka uN2 ngase-Avoca, eThekwini, izigelekeqe sezishiye kumahlaphahlapha ziqeda ukubamba inkunzi imoto ethwala imali.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ntambama, nokho akulimalanga muntu.

La madoda abehlome ezingovolo avulele ngenhlamvu kule moto ubheke eningizimu noN2 uma uphuma nje kancane.

Amalunga enkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) bazithele phezu kwemoto yemali isha ubuhanguhangu kuNandi Drive.

Onogada bafike sekugcwele amaphoyisa, nalapho kuvele khona ukuthi izigebengu zisebenzise isikhathi sokuphithizela kwezimoto ntambama ukugila lo mhlola.

Amaphoyisa athole nokuthi impela bekusetshenziswa izibhamu ezinkulu neziqhumane.

Abasolwa bagcine bekwazile ukubaleka nesamba semali engaziwa, enye isale iyizicucu emgaqweni.

Ngomhla ka-1 April iPurpose ibike ngesigameko esifuze lesi.

Abafana bashaya bachitha nesamba semali esingaziwa nezibhamu beqeda ukubamba imoto emgaqweni uM25 KwaMashu, eThekwini.

Abasolwa abebehlome bezingovolo babehamba ngezimoto ezimbili ezahlukene bamisa ngoshova imoto eyayithwele isamba semali esingadalulwanga.

Lezi zigilamkhuba zanamathisela amabhomu kule moto yemali kwaduma izulu.

Yilapho-ke bekwaze ukushaqa khona yonke imali nezibhamu zonogada.

Badubule emoyeni amahlandla ambalwa ngaphambi kokuthi bashaye bachithe nemali. Babaleka ngemoto yohlobo lweFord SUV emhlophe neToyota Corolla esiliva.

Nangomhla ka-4 February le online publication yabika ngesigameko esifuze lesi.

Kulesi sigameko sokubanjwa kwemoto ethwala imali kwafa oyedwa kwalimala abayisikhombisa.

Owesifazane owayezihambela ebheke emsebenzini wadubuleka washona.

Kwathi onogada bathola ukulimala banikwa usizo lokuqala endaweni yesigameko base bephuthunyiswa esibhedlela esiseduze.

Nakhona kwavalwa thaqa umgwaqo uN2 phakathi kweHigginson Highway ngasenkampanini ekhiqiza usimende iNPC.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button