Ezezimoto

Ubonga abalandeli uKhuzani osike imoto yezigidi

Akubuzwa ukuthi umculi kaMaskandi usikile njengoba evuke ngeLand Rover Defender.

Abaningi bayazibuza bayaziphendula ukuthi ngazi uhehwe yini futhi ihlukane namalini iNdlamlenze.

Lo mculi usebonge abalandeli bomculo wakhe ngokumeseka ukuze agcine ehambe ngale moto.

“Ngibonga ukulalela umculo wami ezindaweni ezifanele,”

“Namhlanje ngihamba nge Land Rover 130 HSE R-Dynamic D350 2025, ngiyabonga kakhulu niqhubeke njalo nothando lwenu nazo nezitifiketi zakwa Risa ngiyabonga kakhulu,” usho kanje.

IPurpose ithe ayibheke kabanzi kwingosi yezimoto.

Le eSUV kuyaswenkeka ngayo kwakudala lapho kuthiwa ngeyokuqwala izintaba kuphela.

Le yesimanje ithandwa uwonkewonke njengoba noKhuzani eyisikile.

Le-SUV Ihlukene ngezinhlobo njengoba kunencane (90) enezicabha ezimbili, ephakathi nendawo elayisha abagibeli abayisihlanu (110) ne-130 (elayisha abagibeli abayisikhombisa).

Ngaphambili yondlekile emakhwapheni. Ishaya ngamalambu angama-LED azidimayo uma kunemoto eqhamukayo ukuze ingaxhophi umshayeli ozayo.

Iwuhuntshu ingu-5 358mm ubude. Amasondo angawokuhamba nasogwadule ama all-terrain namarimu angu-20-inch bese kuthi ngemuva ibelethe eliyisipele.

Ubude bezicabha kwenza kube lula ukungena nokuphuma.

Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba kuphinde kube namakhosombe okubeka izinto njengasezicabheni, phakathi nendawo nangaphansi kwegiya.

Ngaphansi kwendawo yokuphumuza ingalo (armrest) kunesiqandisi okwazi ukufaka amakani kanemenayidi.

Ngaphambili ishaya nge-touchscreen infotainment system ewusayizi okahle eveza imininingwane eminingi ngezansi.

Kune-panoramic sunroof enkulu engenisa ukukhanya.

Injini yayo engu-3.0 litre turbo kadizili inamandla angu-257kW ne-torque engu-700Nm.

Kubo kwayo bathi kuthatha imizuzwana engu-6.8 ukusuka ku-0 iye 100km/h.

Emgwaqweni intofontofo ngenxa ye-air suspension yayo.

Igabade ilishiye ngo-218 okwenza uwubone kahle umgwaqo.

Ithangi likadizili likhulu lingu-89 nokwenza uhambe ibanga elide ngaphandle kokwetha.

Yize kuyiSUV yansukuzonke kodwa ayinqeni ukufingqa imikhono iqwale izintaba.

Lokhu ikwenza ngokuthi iphakame ngo-293mm.

Kukhona nama-drive modes ahlukene, low range ne-diff lock.

Kwi-screen iveza amakhamera ngaphandle asiza ungashayisi noma ufuna ukuveza izinsiza ezidingeka uma ugudla ehlathini iyaziveza.

Okunye ulwazi lucashunwe kwiSolezwe.

Intengo:

Land Rover Defender X-Dynamic HSE – R2 062 200

(R2 143 721 uma usufaka okwengeziwe)

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button