
Utokile owokufika ‘odlwengule’ intombazane (11)
Owesilisa wase-Uganda osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-11 ubudala aze ayikhulelile uzogqunywa ezitokisini
Lokhu kuza ngemuva kokuhlehliswa kokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili.
Le ndoda eneminyaka engu-29 ubudala yase-Uganda isolwa ngokudlwengula iphindelela le ntombazane kusukela ineminyaka eyisithupha.
Umsolwa (29), uvele eNkantolo yeMantshi yaseBenoni ngoLwesine.
Umbuso uthi angase abaleke noma asabise ofakazi ngoba usondelene nomndeni wesisulu.
Inkantolo izwe ukuthi umphenyi wecala akakwazanga ukufika ngoba ubegula.
Kunalokho, iphoyisa lihambise incwadi efungelwe ethi akumele ummangalelwa athole ibheyili.
IMantshi uSipho Manana ikhiphe isinqumo sokuthi leli phoyisa kumele lizifikele mathupha enkantolo ngomhlaka-28 May lizochaza.
Enkantolo, umshushisi uKagiso Ralethata ufunde incwadi efungelwe, ethi umsolwa uyingozi.
“Yize umsolwa ekuleli ngokusemthethweni futhi esehlale emzini wakhe isikhathi esingaphezu konyaka, kodwa angase abaleke ngenxa yamacala abucayi,” ifundeka kanjalo incwadi efungelwe.
Iphoyisa liphinde laxwayisa ngokuthi lo mlisa angase azame ukugxambukela ecaleni. “Ungumngane womndeni wesisulu futhi angase abe nomthelela kofakazi,” esho.
Icala liwushaqisile umphakathi. Intombazane isikhulelwe, ibivakashele umndeni womsolwa ngamaholidi kaDecember.
Ukuhlolwa kuveze ukuthi wayenamasonto angu-18 kuya kwangu-20 ekhulelwe.
Kukholakala ukuthi lo mlisa waqala ukumdlwengula eneminyaka eyisithupha kuphela.
Umama wentombazane wathola kuphela lapho ebona izinguquko emzimbeni wendodakazi yakhe. Wabe esemthatha wayohlolwa, okwaqinisekisa ukuthi ukhulelwe.
Umsolwa waboshwa ngomhlaka-22 April kanti usagqunywe esitokisini.
Izikhalazo ezimbili zidluliselwe enkantolo, esisodwa ngesikaSihlalo womphakathi wase-Uganda esinye esezakhamuzi zaseKurhuleni.
Banxuse iNkantolo ukuba imnqabele ibheyili.
Ngaphandle kwenkantolo amalungu omphakathi wase-Uganda abe nombhikisho.
Kusolwa nokuthi umama womsolwa wanikeza unina wentombazane imali ukuze asule icala.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority uPhindi Mjonondwane uthe umbuso uyayiphikisa kakhulu ibheyili. Uthe lokhu kuyicala abalibiza nge-schedule six offence, ukudlwengula ingane, futhi umbuso kumele uvikele izingane.
Scrolla.Africa
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



