Ezokungcebeleka

Udedelwe ngebheyili ka-R120.9 million uChris Brown kwelokushaya

Siphume ngebheyili ka£5 m (R120.9) million isihlabani saphesheya uBrown Brown ecaleni lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Leli cala lenzeka eNiteclub, eLondon ngonyaka ka-2023 lapho kuthiwa uChris Brown waphiphiza khona umdidiyeli womculo uAbraham Diaw engenzanga lutho.

Ngokombiko weReuters ngesikhathi iJaji uTony Baumgartner limnika ibheyili ubengekho eNkantolo yaseSouthwark Crown.

UChris Brown usehlabene kabili ngama Grammy Award kanti udume ngezingoma okubalwa esihlloko sithi LoyalRun nethi Under the Influence.

Kuthiwa kwenzeka konke lokhu nje uchungechunge lwemicimbi yakhe iBreezy Bowl XX luyaqala ngomhla ka-8 June eNetherlands.

UBrown waboshwa esehotela eManchester enyakatho ne-England  ngesonto eledlule.

Kwakungokokuqala ekuleli lizwe emuva kweminyaka emibili leli cala lenzeka. NgoLwesihlanu wanqatshelwa ibheyili njengoba eze wayithola izolo.

Uyithole ngaphansi kombandela othi akhokhe u£4 m (R96.7m) aphinde akhokhe u£1 (R24.2m) zingakopheli izinsuku eziyisikhombisa.

Uyalelwe ukuthi adedele ipassport yakhe uyoze ayithole mhla esehambela lolu chungechunge.

Usoyoze aphinde avele enkantolo eLondon’s Southwark Crown Court ngoJune 20.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button