
Ukhonjwa eGoli owadubula usomatekisi eMsinga
Ukhonjwa eGoli lapho kuthiwa ucashe khona osolwa ngokuzama ukubulala usihlalo wamatekisi aseMsinga.
Umsolwa uRichard Zwakushiwo Dlamini kuhiwa waqala ngoJanuary 2018 ukubalekela ingalo yomthetho.
USihlalo kuthiwa wadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu mhlaka 2 January 2018 ehlaselwa ehlezi emotweni yakhe, ngemuva kokuthi kade ethamele umhlangano wamatekisi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda udalule ukuthi amaphoyisa aseKZN athungatha umsolwa ngecala lokuzama ukubulala usomatekisi.
“Umgilwa wasinda kulesi sigameko, wabe esevula icala. UDlamini nomunye umsolwa osewashona kusolakala ukuthi badubula uSihlalo wamatekisi aseMsinga maqede babaleka. Kusolakala ukuthi uDlamini ucashe eGoli,” kubeka uNtshiunda.
Ephetha unxuse noma ubani ongabanolwazi ngoDlamini, axhumane nomseshi wecala uWarrent Mbatha kunombolo ethi-076 525 1793 noma eshayele kuCrime Stop ku-08600 10111.



