
Sekusemome ukuvalwa ukuphawula ngamagama ashintshwayo eKZN
Philasande Luthuli
Sekubalwa izinsuku ukuthi umphakathi uphawule ngomthetho ohlongoziwe wokuvala izigece (loopholes) emthethweni wokuqanjwa kabusha kwezindawo wango-1998.
Usuku lonqamlajuqu umhla ka-31 May.
Lokhu kuvele njengoba isigungu esiphezulu sokuqanjwa kabusha nokulungiswa kwamagama ezindawo sitheleke eThekwini, KwaZulu-Natal.
Bekuzobhungwa ngokuchibiyelwa kwezigece eziphawuleka kulo mthetho, esithangamini esibanjelwe kwelikabhanana.
Ilungu leSouth African National Geographic Council uMnuz Siphiwo Mavumengwane uthi phakathi kwezigece eziqaphelekile kulo mthetho ukuthi kudingeka bakhalaze kuNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko.
UMavumengwane uthi ukusho lokhu ngenxa yokuthi nguye kanye uNgqongqoshe osuke esenike igama elisha izibusiso.
Ngokuka Mavumengwane ufisa ukuthi umthetho ukuvumele ukwakhiwa kwekomidi elizimele.
Kuzobhekwa izikhalo ukuze ikomidi lokuqanjwa kwezindawo kanye noNgqongqoshe bangabi onompempe abaphinde badlale phakathi enkundleni.
“Uhulumeni akazelanga la ukuthi azonifunza, yini okumele nizikhulumele. Ngiyazi ukuthi eNingizimu Africa abantu abaningi abakuboni ukubaluleka kokuphawula ngezinto,”
“Kule minyaka engu-15 ngiseSishayamthetho ngiyazi ukuthi akuzoba lula kuzoba uchungechunge kodwa kugcina kulungile,”
Ubonge izihambeli ezisuka kuzwelonke ngokugcina ukuvakashela iKZN, waveza ukuthi usuku lwe-Africa Day ngomhla ka-25 May luzogujelwa Olundi.
“Inkululeko le eyafika ngegazi kwafa abantu, abanye babengaphandle kwezwe abanye bekhona la. Usuku olukhulu olugujwa amazwe asekhululekile,” kusho uKhawula.
Amagama asuke esitshwa kuvamise kube awamadolobha, imigwaqo emikhulu nezakhawo zasemphakathini.
Umzekelo, eSkhawini sekwabuyiselwa egameni okuyilo eSkhaleni, kanjalo naseMlazi sekubhalwa kuthiwe uMlaza.
Labo abasifa ukuphawula noma ukuphonsa esivivaneni ngokuqanjwa kwezindawo bacelwa ukuthi bathumele imibono ku-sagnc@dsac.gov.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



