
IChiefs izophuthwa iMTN 8 kulandelana ibanjwa iPolokwane
IKaizer Chiefs isiphinde yahlazeka njengoba ingakwazanga ukungena kwiTop 8 isizini yesibili kulandelana.
Lokhu kuza njengoba iphothule umkhankaso wayo weBetway Premiership ngokudlala ngokulingana ngo 0–0 nePolokwane City eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Yize kuyiyo ebiphethe umdlalo futhi yakhe amathuba amaningi, iKaizer Chiefs kodwa ayikwazanga ukuthola igoli.
Lokhu kuqede ngamathuba ayo okungena kwiTop 8 njengoba beyidinga amaphuzu aphelele kulo mdlalo.
IKaizer Chiefs ilawule umdlalo ngo-68.7% yaphinde yabhalisa yalikhahlelela amahlandla angu-14 ipali uma kuqhathaniswa nayisikhombisa ePolokwane City.
Kodwa-ke, kulokhu kukhahlelela ipali, amabhola aqonde epalini abe mabili kuphela kuwo womabili amaqembu.
Lokhu kugqamise ubuthuntu lamaqembu uma esesondela epalini lezitha.
Ngomzuzu ka-41, iChiefs yenze ushintsho u-Ashley Du Preez ethatha indawo kaTebogo Potsane, ihlose ukufaka ijubane ekuhlaseleni.
Ngomzuzu ka-78 kube nenqwaba yezigemegeme, uDillon Solomons uthole ikhadi eliphuzi kwathi uRanga Chivaviro wakhishwa, iChiefs izama ukuphushela igoli lokunqoba.
IPolokwane City ifake uMonty Batlhabane ngomzuzu ka-81, izama ukuvalisisa emuva ukuze igcine iphuzu elibalulekile neliyiqedise kwiTop 8.
IKaizer Chiefs iqede isizini inamaphuzu angu-31 emidlalweni engu-28, okuyibeka endaweni yesishiyagalolunye kwilogi.
IPolokwane City, enamaphuzu angu-33, iqede endaweni yesikhombisa.
Umphumela uqinisekisa ukuthi iChiefs izophinde iphuthwe yiMTN8.
IKaizer Chiefs kuzomele ihlole amasu ayo okuhlasela ngesikhathi kuvalwe isizini, igxile ekutholeni abagadli ababukhali.
Ngakolunye uhlangothi, iPolokwane City, ingaziqhenya ngokuqina kwayo emuva, njengoba ithole iphuzu elibalulekile.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



