Zibakhalele abashadisa ngomgunyathi eThekwini
ZIBAKHALELE abantu abathathu okubalwa kubo nomsebenzi woMnyango wezaseKhaya.
Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngoLwesithathu bathweswe amacala ngokusemthethweni.
Kubikwa ukuthi imishado engekho emthethweni ebandakanya abesifazane baseNingizimu Afrika kanye nabokufika yenziwa ndaweni eyimfihlo emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eGreyville, kwaZulu-Natal.
Laba solwa bashaqwe ngoMsombuluko, ngemuva komkhankaso obekuhloswe ngawo ukuqeda inkohlakalo ekuthiwa kade yaqala futhi idla lubi.
Bekuhamba phambili abezobunhloli bebambisene neMetro Police Tactical Support Unit, Sydenham Trio Task Team nabakwa Home Affairs Immigration.
Kushaqwe amaphepha okufaka izicelo nomazisi nabo batholakele.
Omunye wabasolwa kwabathathu uzobhekana necala nokukhwabanisa bese kuthi owesifazane uzobhekana necala lokuzama ukuvimba ukusebenza kwengalo yomthetho.
Uphenyo olunzulu luveze ukuthi umsebenzi wase Home Affairs ubesebenzisana nabasolwa.
Kuthiwe uzame ukucisha ubufakazi ngokuzama ukudabula amaphepha amanye wawafaka emgqonyeni.
Khonamanjalo kuboshwe abasolwa abahlanu abathinteka ekubulaweni kwabantu kwbahlanu kwasinda oyedwa ngeSonto.
Laba solwa abahlanu badutshulwa babulawa eNyezane, e-Amangwe, kwaZulu-Natal.
NgoMsombuluko ntambama labasolwa babhadanywe amaphoyisa e-Acaciaville, eLadysmith, bezipholele.
Baboshwe nezibhamu zohlobo lwama AK-47 amabili, ama pistol, ne-38. Kwatholakala nemoto abayisebenzisa ukubaleka esigamekweni.