Izindaba

Usizi kowesifazane olandelwa izinkabi zesoka 

Sanele Mseleku

OKWAQALA njengephupho lananoma iyiphi intombazane ukushada nomuntu omthandayo kuphenduke isihogo kowesifazane wase Pitoli uLaizy Ramokone ogqigqa ezinkantolo.

ULaizy waqoma usomabhizinisi wase Zimbabwe kodwa ozinze kuleli uTrevor Simbarashe Mbizvo odume ngelika “Hell Commander” kwizinkundla zokuxhumana.

Izigemegeme ezenzeke ngesikhathi kusemnandi emjolweni ziholele ekutheni uLaizy abhale incwadi engakaphumi esihloko sithi I Love Ego and Hitman.

Kule ncwadi uchaze ngokudutshulwa ngentululwane yezinhlamvu ezibhekiswe kuyena.

Kwenzeka lokhu ngesikhathi ehamba nomngani wakhe bephuma kwenye yezimpi zabo zasenkantolo benoSimbarashe.

Laba bobabili bayaphuma bayangena ezinkantolo kusukela ngonyaka ka-2021 ngoJanuary.

Amaphoyisa avumile ukuthi likhona icala elivuliwe lokuzama ukubulala futhi basaqhubeka nokuphenya.

Bobabili basempini yasenkantolo efaka isitifiketi somgunyathi wemiphumela yeHIV esho ukuthi umsulwa, uSimbarashe akaphumelanga obala ngesikhathi besaqala noRamakone.

U”Hell Commander” waba undab’ zekwayo ngesikhathi kusabalala ivideo yemoto yakhe iLamborghini isha, omunye wabagibeli owabe engumngani wakhe omkhulu, owayeqeqeshela ukushayela amabhanoyi washonela kuyo.

Lo somabhizinisi wathola ukugxekwa abase Zimbabwe ngesikhathi kuvela ukuthi akakhombisanga ukuba nendaba nomngani wakhe.

KuChapter-12 wencwadi yaRamokone, uveze ukuthi wacishe wafa kanjani edutshulwa.

Ngomhla ka-22 Novemba 2022 wayephelezelwa umngani wakhe ekuseni ukuyomeseka enkantolo, kanti ngayizolo ekuseni waba nesibonakaliso sokuthi khona into enkulu ezokwenzeka.

Encwadini uthi esemgwaqeni kuBen Schoeman Highway ePitoli ephuma enkantolo, uzwe ukuqhuma okukhulu wacabanga ukuthi kuqhuma ithayi, kanti lutho intululwane yezinhlamvu ezibhekiswe kuyena.

Wadubuleka izihlandla eziwu-4, amascan namax-rays ayaveza ukuthi kulimale ama nerves obuso kwasinda omqondo.

Ababona ingozi baphuthuma ukuzosiza, ngisho nazo izinkabi zeza zizenzisa ukusiza, echaza encwadini.

Walaliswa esibhedlela, ngesikhathi esalulama uthi izinkabi zacupha ifoni yakhe.

Ngemumva kwamasonto amabili, waphuma esibhedlela, izinkabi zaqhubeka zamlandela ngisho esesekhaya lakhe ePitoli lapho ehlala khona nabantwana.

Izinsongo zokufa nemiqhafazo yaWhatsApp eqhamuka kwisoka lakhe uSimbarashe ithi “You are clever neh? Come let’s play the game”.

Encwadini uRamokone uyachaza ukuthi uSimbarashe uthi ngeke asiboñe isiphetho secala.

Okuthusa kakhulu ukuthi izinkabi seziqashe komunye umuzi zisebenzisa igama lenkampani engekho nemininingwane yasebhange okungesiyo.

Umuzi lo oqashiwe kuvele ukuthi uqashwe ngaphansi kwegama lomuntu owayesebenza engadini yesoka, kodwa yena engazi.

Umuzi lowo wasala kanjalo ngesikhathi sebebona ukuthi amaphoyisa ayaphenya.

Icala lisaqhubeka njengoba uRamokone enqaba ukulisula.

Incwadi lekaRamokone izoqala ukutholakala ngoFebruary 2025, usehambe unyaka wonke kuleli engababoni abantwana bakhe, umndeni kanye nabangane bakhe.

Le ncwadi iputshuzwe ngabalwela amalungelo abantu besifazane.

Related Articles

Back to top button