
Isilo sakwaZulu engozini yemoto
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siphume singenamyocu engozini yemoto eyenzeke kuR34 ngaseVryheid ngoLwesiili ebusuku.
Kubikwa ukuthi imoto ebihamba Isilo itholane phezulu neyamaphoyisa omkhandlu.
Kudingeke ukuthi Ingonyama ifakwe kwenye imoto ukuze iqhubeka nohambo lwayo.
UNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi uthi amaphaphu phansi esizweni iSilo siphume singenamnyocu.
“Ngikhulumile neSilo izolo (ngoLwesibili) ebusuku futhi Isilo besikahle emoyeni sangitshela ukuthi ingozi bekuyinto encane. Egameni leNdlunkulu, ngifuna ukuqinisekisa isizwe ukuthi akumele sikhathazeke ngesimo seSilo,” kusho uButhelezi.
Uthe Isilo sizoqhubeka nohlelo lwaso lwansukuzonke futhi sizoba yingxenye yokuvulwa kwenxanxathela yezitolo iPrincess Mkabayi Mall eVryheid ngoLwesithathu ekuseni.
“Amaphoyisa eSouth African Police Service azokwenza uphenyo njengenjwayelo ukuthola ngembangela yengozi yayizolo,” kushouButhelezi.
Kuyo lenyanga uNdlunkulu weSilo uMisuzulu kaZwelithini uNtokozo kusabalale izindaba zokuthi ushaye ngesithende idili lokuzalwa kweNgonyama waqoka ukuziyela ememulweni womngani wakhe.
AbaseNdlunkulu kuthiwa nabo bethuke kwaphela nasozwaneni bebona izithombe zakhe esememulweni oPhongolo ekhazimula ngobuhle ekubeni sekuphele unyaka anyamalala.
Imithombo ye-Scrolla.Africa idalule ukuthi ngoMgqibelo womhlaka-28 kuMandulo kwathi iSilo sibhiyoza namakhosi nabanye abantwana baseNdlunkulu bebungaza iminyaka yaso engu-50 sazalwa, kodwa ukaMayisela wayezijabulele ememulweni kamngani wakhe uNksz Velephi Masuku oPhongolo.
Kuphinde kwabonakala ezinkundleni zokuxhumana efakwe umcwali wakhe wezinwele embiza ngomkankosi encoma nobuhle bakhe.
Ubuye abonakale emchaza njengomuntu wesifazane ophila noNkulunkulu nokwaziyo ukumelana nezivunguvungu.
OkaMayisela kuthiwa usahamba ngisho esigodlweni sasoLundi kwaNkomonye abehlala kuso, wavele wayozihlalela eflethini eThekwini.