Izindaba

Isibalo esethusayo sabafundi abadle ushevu

UMNYANGO wezeMfundo ukhiphe isexwayiso kumphakathi, kulandela ukugula kwezingane zesikole ziguliswa ushevu otholakala ezintweni abazidlayo.

Isibalo sabafundi abadle loshevu siyanda, singaphezulu kuka-100 manje ezifundazweni zase Gauteng, Mpumalanga naseLimpompo. Uzokhumbuleka ukuthi kusanda kushona izingane ezingu-6 eNaledi eSoweto.

Izigameko zinjngi zenzeka kakhulu ngesikhathi kuqhubeka ukufunda nokwenza kugcine kuphazeme.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uMnuz u-Elijah Mhlanga ucele abazali ukuthi baqikelele ukuphepha kokudla kwezingane zabo, egcizelela nokuthi abafundi  bathenge ezindaweni ezithembekile.

“Sinxenxa abazali ukuba bakhulume nezingane zabo, baziyale ngezinto abazithenga ezindaweni ezingahlelekile. Baphinde bazixwayise ngobungozi obukhona ekuthengeni ezindaweni ezingekho emthethweni. Kungcono ukudlela ekhaya noma ukuhamba nokudla kwasekhaya uyenakho esikoleni noma udle okwasesikoleni uqobo. Siyaqinisekisa ukuthi akunabungozi. Angeke sisakwazi ukulahlekelwa abanye abafundi bethu”. kusho uMhlanga.

UMhlanga uphinde wayala izikole ukuba zigade abadayisi, waphinde wagcizelela ukubaluleka kokuhlanzeka ezikoleni nasemakhaya okuwukuhlanza indawo okudlelwa kuyona noma ekwenzelwa kuyo ukudla, wagcizelela nokusebenzisa amanzi ngendlela.

NgoMsombuluko uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi udalule ukuthi izingane eziyisithupha zasesikoleni iNaledi, eSoweto ezashona emuva kokudla amachips ezaziwathenge ezitolo zabokufika zabulawa ikhemikhali i-Organophosphate, esetshenziswa ukubulala izinambuzane.

UNgqongqoshe ehambisana noMnyango wamaPhoyisa kanye nosomabhizinsi abasafufusa bebenesithangami sabezindaba becacisa ngasebekutholile ophenyweni lwabo ngezigameko sokushona kwezingane zase Naledi.

Related Articles

Back to top button