
Usizi isaguga sihlala nabakhubazekile
SICELA uMsamariya onesihawu isalukazi esineminyaka engu-76 ubudala esidabuka eMzumbe, Port Shepstone ogwini lesifundazwe kwaZulu-Natal esadalikelwa yindlu yaso lina izulu ngo-2020.
Indlu kaNolindelo Ntusi yadilika yayakhiwe ngodaka futhi inegumbi elilodwa.
Ubehlala kuyona namadodana akhe amabili aphazamisekile ngokomqondo futhi enye yawo inesifo sokuwa ihamba isibhedlela nyanga zonke.
Uthi imali yesibonelelo sikahulumemi ayenele ngoba uye kuphela oyitholayo.
Omunye wamadodana akanawo umazisi, usegqigqe wakhathala ewuzama kodwa akalutholi usizo.
Emuva kokudilika kwendlu bangeniswa esihlotsheni, waphiwa omakhelwane uthayela wabe esazakhela ixhokovana azoquba kulona.
Nalo futhi lelo gumbi elilodwa, alikhonkiee phansi futhi ugesi ungekho kukhanyishwa amakhandlela.
Uthi okumkhathazayo ukuthi uyagula, unesifo samathambo uma kubanda amakhaza ayazenzela kubona.
Intatheli ye-Purpose ikhulume naye ugogo ukuzwa ukuthi ufuna ukusizakala kanjani.
“Ngifisa ukwakhelwa umuzi noma onamagumbi amabili, amadodana ami athole izibonelelo zikahulumeni, lo
lena engenawo umazisi iwuthole nayo” kusho ugogo
Uthi ufisa nokuthi uma eluthola usizo basuswe kulendawo abakuyona ngoba iphansi kanti ubuye aguliswe amadolo, kube ibanga ukuya esitobhini uma efuna ukuyogibela.
Ikhansela lendawo uMnuz Sfundo Ngwane sithe uma simushayela sifuna ukubuza ukuthi uyazi yini ngalolu daba wangatholwa ocingweni kodwa ugogo uthi uNgwane uyalazi udaba lakhe.
Okhulumela iSocial Development kwaZulu-Natal uMnuz Thuba Vilane uthe kuzothunyelwa ithimba elizohambela umndeni ukuyobheka isimo.
“Kuzothunyelwa abasabenzi bakahulumeni ukuyobheka isimo. Siyathembisa ukuthi sizowuhambela umndeni sibone lapho singasiza khona,” usho kanje.



