Umunyu kungcwatshwa uthunjana kaShenge
IFIHLWE ngesizotha indodakazi yomsunguli nowayengumholi weqembu Inkatha Freedom Party (IFP) uPrincess Siyabulela Angel Buthelezi (55).
Uthunjana kaDr Mangosuthu Buthelezi udlule emhlabeni ngempelasonto edlule esibhedlela esise Kapa emuva kokuxinwa ukugula isikhashana.
Umphakathi wasoLundi, osopolitiki, izikhulu eziphezulu zeqembu i-IFP beyiphume ngobuningi bayo ukuzophelezela indodakazi kaShenge.
Kwizihambeli eziqavile kubalwa uNdunankulu waKwazulu-Natal uThamsanqa Ntuli noNgqongqoshe weZemidlalo, Amaciko namaSiko uMntomuhle Khawula.
UNtuli ekhuluma enkonzweni yomngcwabo ubezwakala edumele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaSiyabulela.
“Sigqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokushiywa indodakazi kaShenge, okubuhlungu ukuthi kusiphinde eduze. Ngonyaka odlule besifihla ubaba wakhe umntwana wakwaPhindangene,” kusho uNtuli.
Izingane zikaShenge ezisele emhlabeni zimbili inkosi uPrince Zuzifa noPhumzile Buthelezi.
Bathi kusekude ukujwayeleka ukuthi akasekho emhlabeni udadewabo wabo omncane akade bembiza ngo ‘Sigcino samaShenge’ emagcekeni akubo nokuyigama aliqanjwa uyise, bathi kodwa bazowugcina umlando wesibongo sakwaButhelezi nowasemzini wakwaPhindangene.