Izindaba

UDr Khehlelezi ucele bahlubane ngengqindi noKing Bhaka

Bahle Mkhize

INYANGA yodumo eThekwini uMnuz Bhongolethu “Dr  Khehlelezi” Nzozo usecele inselelelo eringini kwimbangi yayo uZamokwakhe “King Bhaka” Nzama .

UKhehlelezi usho lokhu emthuka uBhaka ngokuthi ulala namanye amadoda.

“We mfo kaNzama awuthi ngikuphendule, uyintatheli wena awusiyo inyanga. Okwesibili wena ulala namadoda ngiyakwazi konke lokho. Mina ngiyinyanga asenze kanje uma ngempela uyinsizwa asiye eringini siyohlubana ngesibhakela. Oyonqoba uyothatha R100 000 nabaxhasi bayomnika imali. Ngiyakucela ke sibeke abaqaphi siye enqindini. Imizi isisakhekhona ntatheli yamanga. Angikaze ngikufonele uqamba amanga aluhlaza. Ngeke ngiphinde ngikhulume futhi ngoba ngiwubaba, wena uyintombi yamanye amadoda sengiqedile,” usho kanje.

Impi yamazwi ayiqali namhlanje njengoba ngoMeyi wakhwela wadilika uKing Bhaka kuDr Khehlelezi emsola ngokuqola abantu ngomncintiswano wemoto owawungo-2021.

Ngo-2021, uDr Khehlelezi wayenomncintiswano wemoto i-Audi RS 3, eyayizowinwa ngokuthi abantu bavote, bese kuthi ovote kakhulu ashaye achithe nemoto.

Indaba isuswe wukucasuka kukaKing Bhaka, othi udelelwe wuDr Khehlelezi, embiza ngoBob Marley.

UKing Bhaka wathi ayikaze iwinwe umuntu imoto futhi alikho igaraji okwathengwa kulona le moto.

Kunalokho  kwathathwa imoto eyayikhona enombala osampunga yagoqwa ngombala obomvu.

Impi yamazwi ayiphelelanga lapho njengoba bekunokungcofana phakathi kwabo uBhaka ethi uKhehlelezi udlelwe imizi izindaweni zomtakabani.

Ungene ezinkundleni zokuxhuma uBhaka washiya umyalelo othi “wayisusa uzoyimela”.

Related Articles

Back to top button