Izindaba

Lisobishini enkantolo iphoyisa elabanjwa namakhadi asebhange (272)

UMPHENYI woKlebe, uWarrant Officer Sivan Naidoo, uveze okushaqisayo edalulula ukuthi empeleni awu-272 amakhadi atholakala kuConstable Minenhle Makhaye (27).

Lawo makhadi awasse-Capitec, Absa, African Bank, FNB namanye amhlophe okungacaci ukuthi awakuphi. Phambilini, bekuvele ukuthi watholwa namakhadi awu-105. Amakhadi abalwe kahle ngoLwesithathu olwedlule.

UMakhaye wasesiteshini saseCato Manor, eMayville, usolwa ngokweba ikhadi lasebhange lomgilwa.

Lokhu kwenzeka ngesikhathi eyolanda imoto yakhe eyayiduniwe kwaze kwafa nengane (11) eMalvern, eThekwini, ngoSepthemba.

Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo ngesikhathi efaka isicelo sebheyili.

Ingane kamgilwa kuthiwa yaphuma yacasha ngaphansi kwemoto kanti kuzothi uma sebekhala amaphepha abasolwa, bayishayise, ishone.

Umsolwa ubhekene namacala amane; elokweba, elokukhwabanisa, elokuvimba ukusebenza kwengalo yomthetho nelokutholwa nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.

Uthe kusona leso sidididi sokutholwa namakhadi, kuvela ukuthi wabuye watholwa nelomngani wakhe kuye emzimbeni, okuthiwa (umngani) wayelibike ukuthi limlahlekele ngo-2021.

Emakhadini atholwa kumsolwa kuvele ukuthi ayishumi kuphela asahloliwe ebhange i-Capitec, okuthiwa athathwa enxanxatheleni yezitolo i-Bridge City, KwaMashu, ngezibhelu zango-2021.

Kuthe imantshi uMnuz Ashwin Singh isalalele lokho, uNaidoo waveza ukuthi icala seliza eNkantolo yeMantshi yaseThekwini nje, lisuswa eNkantolo yeMantshi yasePinetown. UNaidoo uthe izihlobo zikamsolwa ezisezikhundleni eziphezulu emaphoyiseni zazama ukuthi licishwe ohlwini lwamacala ayezolalelwa kuleya nkantolo.

“Noma ngingeke ngiveze okuningi ngalokhu kodwa esinye isihlobo sakhe sisebenza esiteshini samaphoyisa saseNanda, esinye sisebenza esiteshini saseMbilo,” kusho uNaidoo.

Related Articles

Back to top button