Izindaba

UMsamariya onesihawu nebhuloho emphakathini

Philasande Luthuli

UNGENE ehlazweni uMasipala waseMvoti  uMnuz Vumani Shelembe oyilungu lomphakathi waseNadi eGreytown, kwaZulu-Natal, akha ibhuloho lezinyawo.

Lokhu kuza  emuva kokubona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma uwela emfuleni iNadi.

Ngaphandle kosizo oluvela kuhulumeni unqume ukulakha yena leli bhuloho elimudle imali engango R50, 000.

Ubesezifake kwaningi  izicelo kuMasipala waseMvoti kodwa bemchizela.

IMeya yakulo Masipala uMnuz Gabriel Malembe uphikile kwimithombo yabezindaba ukuthi lendawo ingaphansi kwase Mvoti.

Kulezi zinsuku imvula ibina ezingxenyeni eziningi ezweni nalapho ligqame khona leli bhuloho kuwela abafundi ebeziyoqala ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka.

Injabulo ibibhalwe emehlweni kubafundi ebebesebenzisa lona ukuwelela ngaphesheya.

IPurpose ayiqali ukubika ngoMsamariya onesihawu ofuze lo.

Esifundazweni saseMpumalanga uMlungisi Majazi Maseko waseMooiplaas kuMasipala iChief Albert Luthuli wasebenzisa imali yakhe ukuthuthukisa umphakathi.

UMaseko wasebenzisa uR1.3m wemali ayeyithole kwaRoad Accident Fund (RAF) ukuxhuma amapayipi amanzi emphakathini owawukade usokola.

Amanye amalunga alo mphakathi ayehamba ibanga elingango-5 km ukuyokha amanzi emithonjeni

Ngaleso sikhathi kwavela ukuthi uMasipala wasebenzisa budlabha imali engango R47.8m eminyakeni emihlanu eyedlule.

Kwasizakala imizi engu105 eyayikade iswele amanzi eminyakeni engu-15 eyedlule.

Ngesikhathi elimala uMaseko wayesebenza enkontilekeni.

Related Articles

Back to top button