IBMW 5 Series ‘izulu’ lasemgaqweni
IBMW South Africa ilethe injabulo kubathandi bayo yethula i-5 Series ngasekuqaleni konyaka.
Uhlobo lwesihlanu selokhu yaqala ukwakhiwa eminyakeni engaphezu kwengu-50 eyedlule.
Abathandi bezimoto abaningi bathi izophosela inselelo iMercedes-Benz E-Class.
I-5 Series entsha ifika ngezinhlobo ezahlukene okukhona kuzo nehamba ngogesi i-i5.
Inenjini engu-2 litre kadizili. Inamandla angu-145kW ne-torque engu-400Nm. Ifakwe injini kagesi encane engu-48V.
U-gearbox enawo uyi-8 speed Steptronic.
Imbangi yayo enkulu yi-E220d njengoba nayo inenjini engu-2.0 litre kadizili futhi inamandla afanayo angu-145kW, umehluko yi-torque engu-440Nm kanjalo no-gearbox oyi-9 speed auto.
Asebake bahamba nge-E Class into abayibabazayo wukonga kwayo udizili.
Yinto efanayo nakule 5 Series ngoba nayo iyawuhogela.
Uma ithangi ligcwele iveza ukuthi ungahamba ibanga elingaphezu kuka-1 000km ibe idla amalitha angu-5.6 ngo-100km.
Uma userobhothini iyacima yonge udizili futhi uma sekumele usuke ikwenza ngokushesha.
Intofonntofo injalo nje, yize ngingeke ngiyibeke ezingeni le-7 Series yakwabo.
Ngibalula i-7 Series ngamabomu ngoba uma ungena ngaphakathi isinkulu ungafunga ukuthi yiyona belu i-7 Series.
Lolu huntshu selunobude obungu-5 060mm.
Ufica izihlalo zesikhumba-touchscreen infotainment system enkulu kanjalo ne-digital instrument cluster.
Kwi-digital instrument cluster khona bengivele ngiveze ingaphandle ngekhamera engaphambili. Kwezinye izimoto le khamera iveza isikhashana okuthi uma unyusa isivinini bese iyacima. Kule ayicimi nokuyinto ebisiza kakhulu uma kunenkungu noma izulu lina.
Lobu akubona bodwa ubuchwepheshe obenza impilo yomshayeli ibe lula.
Obunye yi-Active Lane Change Assistant eyenza ukuthi uma ushaya i-indicator ufuna ukudlula enye imoto kuthelawayeka uqalaze eceleni bese ivele izijikele yona isiteringi uma kuphephile.
Ezinye izinto enazo yi-sunroof, i-grille ekhanyayo ebusuku, amalambu angamaLED nokunye.
I-5 Series entsha iheha ngezinto eziningi okuyindlela ebukeka ngayo ngaphandle, injini eyongayo kadizili, ubuchwepheshe kanjalo nesikhala esingaphakathi.
Uma ubona i-3 Series engathi incane okanye
Intengo:
BMW 520d – R1 240 000
Ifika neMotorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km
Isolezwe