Ezokungcebeleka

UZulu Boy ugawule ezizweni eshadelwa e-US

Sihle Mkhize

“Bese kuphele iminyaka ayisikhombisa ekugcineni lwafika usuku, emuva kwayo yonke into ngisakholelwa othandweni.

Ngimagange ukukhulisa umndeni wami nomuntu onomoya omuhle owumngani omkhulu. Umzukiswano wengxeye yesibili empilweni yami usuqalile. Bafwethu sengishadelwe”

Ubhale lamazwi enjabulo uMxolisi “Zulu Boy” Majozi othuse abaningi ememzela umshado wakhe.

UZulu Boy ubophe ifindo likasofa silahlane nesithandwa sakhe uKeisha Lamothe eNew York.

Iningi labalandeli bakhe bamhalalisele lo mrepha waseNingizimu Afrika.

Lo mculi wodumo lwengoma Zulu Uyesabeka njengamanje, use-US, kanti kubukeka sekusekhaya kuye.

Imithombo ehlukene ipotshozele abezindaba ukuthi: “Akuyena u-Andiswa lowo, kodwa yintokazi entsha. Bayathandana kakhulu, kangangokuthi uZulu Boy wanquma ukuya phesheya kwezilwandle ukuze abe naye. Asazi ukuthi uzobuya nini. Ubonakala eqala kabusha impilo yakhe eNew York.”

Lapho ebuzwa ngegama lakhe, uthe:

“Nathi asilazi igama lakhe, ngaphandle kokuthi ungowase Melika onsundu. Futhi banezingane ezimbili naye aphinde abe ngumdidiyeli omkhulu eHollywood.”

Lo mrepha wesiZulu, phambilini wayeshade no-Andiswa Majozi iminyaka emihlanu.

Related Articles

Back to top button