Izindaba

Siyanquma asithetheleli: Ilunga leWest Gang kwiVuma FM

Phila Luthuli 

ASITHETHELELI asinanhliziyo siphila ngegazi. Njengoba efile nje uGeneral uMnqobi kuzovuka omunye.

Lawa ngazwi ashaqisayo ashiwo yilunga lezigelekeqe iWest Gang ekhuluma kwiVuma FM ohlelweni olusakazwa uJacinta Ngobese.

Leli lunga ebelikhuluma ngokungesabi kodwa ebelifihliwe igama lalo liveze ukuthi omncane kunabo bonke eqenjini labo umfanyana oneminyaka engu-9 ubudala.

Lesi sigelekeqe sivumile ukuthi naso sinazo izingane ezinhlanu ngokwehlulana futhi wakhuliswa kahle ekhaya kubo.

“Ngakhuliswa kahle abazali bami kodwa ngazikhethela mina lempilo engiyohlukaniswa ukufa nayo. Asidlwenguli abantu besifazane sakhula sikwazi ukushela kodwa amantombazane sidla nawo imali,” usho kanje.

Uvumile ukuthi banokusebenzisana nezinyanga ezibanika imithi ukuze baqine kodwa bayakholwa nakuNkulunkulu.

“Ngikholwa okudlula nina enithi niyasonta, kahle hle uNkulunkulu uye ongithethelayo ngoba mina angithetheleli.
Siyanquma nje kwaphela singena kwakho sifune lokho esikufunayo. Ngaboshwa futhi ngahlukumezeka ejele. Laphaya kusuke ungekho umndeni wakho usuke unezinsizwa,” eqhuba.

Mayelana nokuthi uhlala kuphi uthe ngeke umazi ukuthi uhlalaphi futhi akahambi ngezinyawo.

“Akukho okuyongihlukanisa nomsebenzi wami ngaphandle kokufa. Uma sengisemhlabathini kuyoba khona abaqhubekayo nomsebenzi. INIU ngeke isiqede ngoba sibaningi,” kuphetha yena.

Leli bhungu elizibophezele kwiWest Gang elthi liyi-26 likhuluma kanje kusanda kudutshulwa kwabulawa umsolwa obefunwa uthuli ngamaphoyisa KwaZulu-Natal.

Umufi oneminyaka engu-22 kuthiwa ngumholi osatshwayo weqembu osatshwayo, iWest Gang.

Ubenabangani bakhe ababili ngesikhathi beficwa ukufa eCottonlands, eVerulam.

Amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi lo msolwa ubelibangise eMhlanga uyolanda izidakamizwa nezikhali. Nebala amaphoyisa anikela khona.

Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa asondela kule moto abasolwa bavele bavulela ngenhlamvu, lwaqala lapho uthuthuva.

Umufi ufe nomngani wakhe oneminyaka engu-27 ubudala bafele khona lapho, kwathi omunye wacela empunzini.

Related Articles

Back to top button