
Ishiphelene uMantashe evuka umhlwenga kuTrump
Aphe Gcwabe
ISHIPHELENE okokugcina iMelika neNingizimu Africa njengoba
uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi uGwede Mantashe esephendule uMengameli waseMelika uMnuz Donald Trump.
Uthi uma bebanswinya nabo bazobagqobha umcebo ombiwa phansi. Ubekusho lokhu kwi-African Mining Indaba, eqhubekayo eCape Town kuleli sonto. Uthi ama-Africa engahlangana azoze i-US ngabe bayinqobile, abangavumi ukusatshiswa.
“Asigodle izimbiwa zethu singazithumeli eMelika. Uma bengasiniki imali, masingabanikezi izimbiwa,” kusho Mantashe.
Okushiwo uMantashe kuyaphikisana nesitatimende esikhishwe uMengameli uCyril Ramaphosa phambilini oveze ukuthi ukulangazelele ukuxhumana nozakwabo uTrump ngezinkinga athi unazo ngeNingizimu Africa nomthetho sisekelo waleli lizwe.
UTrump ucashunwe ethi usafuna kwenziwe uphenyo ngeminye yemithetho yakuleli ecindezela abantu.
Kuzokhumbuleka ukuthi umthetho wokubuyiselwa komhlaba kuleli ususe umsindo ngeledlule ngemuva kokuba uRamaphosa ewusayine waba semthethweni.
Okhulumela uRamaphosa uMnu Vincent Magwenya uthe uhulumeni wakuleli uzimisele ukubonisana nowaseMelika ngomthetho wokubuyiselwa komhlaba nendlela lolu hlelo oluzoqhutshwa ngalo.
Uqhube ngokuthi unethemba lokuthi ngemuva kwalezi zingxoxo kuzobe sekunokuqonda ngendlela lo mthetho osebenza ngayo.