Izindaba

Zibakhalele abasolwa abashise amabhasi angu-51

Phila Luthuli

BAZOVELA maduzane eNkantolo abasolwa ababili abathinteka emacaleni okushiswa kamabhasi angu-51 enkampani iPutco ngoJanuwari 27 kuqala unyaka.

Abasolwa baboshwe ngoLwesibili khona esifundazweni saseMpumalanga.

Kuthiwa abasolwa ngesikhathi sesigameko bebehlome beyizingovolo babehamba ngezimoto ezahlukene okubalwa iToyota Quantum, VW Vito, kanye neVW Polo.

Abasolwa abebegqoke ama-balaclava nezingubo ezimnyama, kuthiwa bakhomba abasebenzi ngezibhamu ngesikhathi behlasela.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Donald Mdhluli uthe kuboshwe abasolwa ababili abaneminyaka engu-29 no-37 ubudala. Uthi kwenzeke kwayimpumelelo ngaphansi kwethumba elihlanganiswe ibamba likaKhomishane uMajor General (Dr) Zeph Mkhwanazi.

Ngesikhathi kuboshwa abasolwa omunye wabo utholakale neselula yomgilwa kanye nekhasethi elingenazinhlavu sibhamu sohlobo lwe-9mm,” kusho uMdhluli.

Ukuboshwa kwabo kube impumelelo ngenxa nokubambisana kwethimba ebelibuthwe ngaphansi kobuholi bebamba likaKhomishana wamaPhoyisa uMajor General Zeph Mkhwanazi.

Related Articles

Back to top button