Ezokungcebeleka

Injabulo kuphuma uBig Zulu esibhedlela

Sihle Mkhize

UMCULI weHip Hop uBig Zulu usephumile esibhedlela i-Alberton Netcare abenginiswe kuyo emva kwengozi yangeSonto.

Ubonge bonke abasebenzi bezempilo ababehlangene ukusindisa impilo yakhe.

“Ngicela ukuthatha leli thuba ngibonge kakhulu ngemithandazo, ngiphephile ngise mandleni. Ngicela ukubonga kakhulu kodokotela omama lapha e-Alberton Netcare ngothando abangiphe lona. Ngiyabonga kakhulu kosisi nobhuti ukungi nakekela ngiphephile futhi ngikahle. Uthando lunye,” kubonga uBig Zulu

UBig Zulu amukela izopho ngesikhathi ephuma esibhedlela

Kwenzeka le ngozi nje bekusaphele amasonto amabili umculi ongaphansi kweNkabi Records uXowla esinde ngokulambisa naye engozini yemoto.

Izithombe zonyanyavu leBMW 4 series emhlophe asanda kuyithenga ngonyaka odlule zivela iphelile ngaphambili.

Ngaphambi kokuthi ishayise imoto yakhe yphaphalaza yaphuma emgaqweni yase iyozithela esihlahleni.

UXowla wathola imihuzuko kwathi uDJ ayebehamba naye waphuma engenamyocu.

“Izindaba ezithinta thina zigijima ukudlula izingoma esizikhiphayo, kodwa ke kulungile ngoba ngisaphila, ngingathenga enye. Impilo beyingeke ibuye, nansi imusic video yami entsha,” ubhale kanje uXowla emva kwale ngozi.

Wamnika amazwi enduduzo uBig Zulu wathi akaqine konke kuzodlula.

“Khululeka mfana impilo eka nkulunkulu, imoto eyasemhlabeni. Qina konke kuzolunga ngeke wazi ukuth ukuze kulimale imoto beyivikani siyabonga ukuthi uphephile ungumfana omncane okhuthele. Kuningi osazokwenza asambe kumusic camp siyo kwenza into oyithandayo, usukhohliwe yini? Asibangene Stallion uthando lunye,” kududuza uBig Zulu.

Related Articles

Back to top button