Izindaba

IM23 iqhubeka nokuqotha amasosha aseMzansi

Bahle Mkhize

SEKUPHINDE kwabulawa amasosha amathathu aseNingizimu-Africa eqothwa izihonga zamavukela mbuso iM23  eDemocratic Republic of Congo.

La masosha atshalwe kuleli zwe ukuyogcina ukuthula. Izisulu zibulawe eduze kwe-Airport iGoma kusetshensizwa umortar bomb ngoMsombuluko.

“Amavukela mbuso eM23 ahlasele izikhawu eziningana ngemortor bomb ibhekise esikhumulweni sezindiza iGoma nalapho bekukhempe khona iSANDF. Lokho kuholele ekufeni kwamasosha amathathu,” kubhalwe kwistatimende seSANDF.

Khonamanjalo oyedwa walamasosha owathola ukulimama zibambene neM23 ezinsukwini ezedlule ugcine eshonile.

Amavukelambuso eM23 aqotha imbokodo nesisskelo njengoba ibambene eDRCLokhu kwenza isibalo sifinyelele ku-13 wamasosha asebulelwe kuleliya zwe esikhathini esingaphansi kwesonto.

Abanye bombutho wakuleli abalimele bathola ukwelashwa esibhedlela iLevel 3 eGoma.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesihlanu olwedlule, kwashona amasosha ayisishiyagalolunye akuleli ngesikhathi ibambene ngezihluthu ne-M23, asekuqinisekisile ukuthi aselidlile idolobha iGoma.

Okhulumela i-SANDF uSiphiwe Dlamini uthe isikhathi sokubuyisela amasosha akuleli asikacaci.

UDlamini uthe: “Esikwenzile kusukela kushone ozakwethu wukuthuma abefundisi bethu, osonhlalakahle, kanye nongoti bezengqondo ukuthi bavakashele imindeni, bayazise futhi bayisekele nganoma iyiphi indlela, okuhlanganisa nangokomoya. Manje silindele ukuqinisekisa ukuthi imizimba yamalungu eSANDF izobuyiselwa eNingizimu Afrika,” usho kanje.

Iqembu le-Econimic Freedom Fighter (EFF) selibhalele ihhovisi likaSomlomo wePhalamende lifuna kuhlale umhlangano ophuthumayo mayelana nokufa kwamasosha aseMzansi.

Related Articles

Back to top button