Izindaba

Uzowudlela esitokisini uKhisimusi okwesibili oweNjoms Security 

Sihle Mkhize

Umphathi wenkampani yonogada iNjoms Security, uMnuz Bruce Mhlongo, uzohlala esitokisini kuze kushaye unyaka ozayo.

Ubevelile enkantolo ngoLwesine kwathiwa icala lakhe lizoqala ukuqulwa kusukela mhla ka 1-19 February 2027.

Lokhu kuza emuva kokuthi enqatshelwe ibheyili.

Lesi sinqumo silethe okukhulu ukukhathazeka kubantu baseMgungundlovu namaphethelo abebethembele kuye ekulweni nobugebengu kule ndawo edume ngokuthi ‘isezweni lezoni’.

Uboshelwe izinsolo zokubulala uthisha uMnuz Thabani Innocent Zondi owadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu esemotweni yakhe KwaPata ngo-2022.

Uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngomhla ka-17 October, lahlehlela umhla ka-30 October, laphinda lahlehlela umhla ka-3 December 2025 njengoba seliyoze liqulwe ngonyaka ozayo engaphakathi.

Izibhamu zenkampani yakhe zashaqwa ukuyophenywa ukuthi azithinteki yini kwamanye amacala angase athweswe wona okubulala, ukuzama ukubulala nokubamba inkunzi kuhlonyiwe.

Amacala engezwa ngosuku ayefake ngalo isicelo sebheyili nokwenza ukuthi izinto zibe lukhuni satshe.

Wabekwa amacala okufa kwabantu ababili, oyedwa wabo wayenguSihlalo wamatekisi nelinye lapho esolwa ngokubulala izingane ezimbili.

Umseshi wamcindezela ngelokuthi umsolwa ubegqekeza emzini yabantu eMgungundlovu bese etshela ‘amasela’ ukuthi ahambise impahla kuye kube sengathi usebambe izigilamkhuba.

“INkantolo yasePMB idinga iMadlanga ithi ukuphenya ngayo, ” kuphawula uMbalee Gwala ezinkundleni zokuxhumana.

“Inkulu into abayicindezelela uBruce bengafuni aphume nje,” kuphefumula uSiza kaMamkhwa Madlala.

“Sekudinga nina baseThawini nivale kwasani nimashe,” kusho uKalimeva Dlamini.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button