Izindaba

Kungenelele iMeya umlimi weplazi ebhizidla imizi

Sihle Mkhize

Kusize ukungenelela kweMeya yaseDundee, kuMasipala eNdumeni, uCllr Mcebo Mkhize, umnikazi weplazi omusha ediliza imizi yabantu.

IThe Purpose ikhuluma noMkhize ngoLwesine uthe ubuya khona ukuyobheka isimo.

“Kuyiqiniso ukuthi kube nesimo esinjalo endaweni. Ngikhuluma nawe nje sibuya khona. Sikhulumile nezinhlaka ezimbili ezithintekayo”

“Okuvelayo wukuthi umnini plazi uthi unelungelo ngoba indawo ngeyakhe. Sibheke uLwesibili oluzayo ukubuyela kulolu daba kuthintwe nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuzama ukuphuma nesisombululo,” kugoqa uMkhize ngamafuphi.

Mayelana nemindeni esele dengwane uthe okwamanje le mndeni emibili isacushiswe omakhelwane ukufihla amakhanda.

Lesi sigameko senzeke kuWard 6 kanti imizi idilizwe ngoLwesithathu ngokuthola kweThe Purpose.

Le mndeni ithi kuvele kwafika umlimi omusha osanda kuthenga leli pulazi wafaka ugandaganda kungazelele muntu wadiliza imizi.

Uma befuna ukuthola isizathu, lo mlimi uphendule ngendelelo ethi akasabadingi kuleli plazi ufuna ukunweba idlelo kanye nesiqiwi sakhe.

Abagilwa baveze ukuthi sebeneminyaka eminingi behlala kule ndawo abanye babo baqala ukuzinza la ngo-1983.

Le mndeni isibeke ithemba kwiMeya njengoba kulimale nempahla yabo kwazise ugandaganda (TLB) idilize le mizi emibili inezimpahla phakathi.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button