Izindaba

Ikhehla (71) kwelokudayisela abangaphandle izibhamu

Aphelele Cebekhulu

Lizolala libaliwe ikhehla laseCato Manor, eThekwini, elineminyaka engu-71 ubudala.

Liboshwe nomunye owesilisa oneminyaka engu-52, baboshwe amaphoyisa aseThekwini District Tracing Unit abekhuculula ukungcola.

Babhadanywe nenqwaba yezibhamu nezinhlamvu ngokwehlukana

Amaphoyisa adonse umoya wokuthi lezi zikhali bezidayiselwa abantu nangaphandle kwaseNingizimu Africa.

Nakhu okuvundululwe abakwasidlodlo:

3 x 9mm pistols

7 x 9mm pistol frames

2 x homemade shotguns

11 x different-sized barrels

8 x 9mm pistol slides

11 x different magazines

41 x different rounds of ammunition

21 x empty cartridges

1 x welding machine

1 x drilling machine

1 x grinding machine

Umadala ubekwe icala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.

Komunye umkhankaso enhla nesifundazwe KwaZulu-Natal, eMsinga yilapho kubanjwe khona lo wesilisa ona-52 yena ubhadanywe nezinhlokohlela impela ezingenamaphepha asemthethweni.

Kulindeleke ukuthi bavele ezinkantolo beyobingelela iMantshi ngokwehlukana kwabo.

Ngomhla ka-13 July iThe Purpose ibike ngesigameko esifuze lesi lapho kuboshwe khona owokufika ongenamaphepha odabuka eSomalia.

Uboshelwe icala lokutholakala nenqwaba yezinhlamvu nezibhamu ezingekho emthethweni.

Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi lo msolwa uwungqondongqondo ekusabaliseni izinhlamvu kwizigelekeqe zasemalokishini aseGoli.

Ukuboshwa kwalo mlisa sekuqubule izinkulumo ngokuphepha emikhakheni wokudayisa ezipaza kulo lonke leli.

Kuvela ukuthi umsolwa nguye ophambili kulezi zigebengu ezikhokhisa imali yokuvikela.

Abantu abayizisulu kulobu bugebengu yilabo abangabikazi bezitolo abangumnsinsi kuleli.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button