Izindaba

Lizogwetshwa isosha elabulala umkalo phambi kwamkhwekazi

UZungu owayeyisosha ulahlwe ngamacala okudubula abulale umkakhe uNkk Tania Zungu phambi kwezingane.

Izihlobo nomndeni kaNkk Tania Zungu (39), ubheke ngabomvu umhla ka-28 August 2026 okuwusuku iNkantolo yesiFunda ePinetown izogweba khona uLwanda Zungu (36).

Umndeni kamufi ugculisekile ngendlela okuqhubeke ngayo ukuqulwa kwecala, kwaze kwaba liyamlahla uZungu.

Ngokwephephandaba iLanga le njabulo ivezwe ngelinye lamalungu omndeni, elingathandanga ukudalulwa.

Leli lungu lo mndeni lithi indlela obekuqhubeka ngayo icala. beyibagculisa.

Lesi sibhicongo senzeka ngo-2024, emzini osePinetown kamufi nommangalelwa.

Imibiko yaveza ukuthi uZungu wadubula umkakhe amahlandla awu-8, phambi kwezingane zabo ezimbili nomkhwekazi wakhe.

Ngokobufakazi obethulwe enkantolo ngunina kamufi, uNkk Gwendoline Msane, kuvela ukuthi kwasuka ingxabano phakathi kwalaba ababili.

Uthi wezwa indodakazi yakhe ikhala, icela usizo, wathi uma ephuthuma ekamelweni labo wazithela kuZungu eyidubula.

Ubufakazi bukaNkk Msane buhambisane nobomphenyi wecala uCapt Solomon Modisane, odwebele inkantolo isithombe ngakuthole ukuthi kwenzeka ngosuku lwesigameko.

Ezithethelela uZungu, wathi wayengahlosile ukudubula umkakhe, wadubuleka ngephutha, bebanga isibhamu.

Uthi wezwa umkakhe ehlohla isibhamu, wabona ukuthi inhloso wukudubula yena, babe sebesibanga, umkakhe wadubuleka.

Ubufakazi bukadokotela ohlole isidumbu, buveze ukuthi inxeba lokuqala lalilibi kakhulu ngoba lenza ukuthi u-90% womzimba kamufi ungasebenzi, okwenza kube nzima ukukholwa wukuthi babebanga isibhamu noZungu.

Udokotela wathi, phezu kwalokho isidumbu sikamufi sasingenawo uphawuda wesibhamu, okhombisa ukuthi saqhuma sisesandleni sakhe.

IMantshi uMuntukayise Khumalo, ichithe ubufakazi bukaZungu ngoLwesithathu.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button