
Uzokushiya ubambe ongezansi umacekeceke iHyundai SANTA FE
Sihle Mkhize
INingizimu Africa isingenile esibalweni samazwe okugijima kuyo imoto ehlabene ngendondo iWomen’s Worldwide Car of the Year kulo nyaka.
Sikhuluma ngeHyundai SANTA FE, evotelwe yizintatheli zesifazane ezingu-82 emazweni angu-55 kumazwekazi amahlanu.
Ngaphezu kwalokho le nsobonsobo ihlonzwe njengeSports Utility Vehicle (SUV) yonyaka yanqoba nendondo kwaTopGear.com.
Ngingomunye efikele kubona eThekwini njengoba inkampani yakwaHyundai, eMhlanga imeme abezindaba ukuzoyivivinya.
Indlela ibibheke eMidllovo, eMgwahumbe Game & Spa.

Okuqaphelekile wukuthi yimoto enkulu le, enhle uma uyozishayela uyozipholela eholidini noma uvakashela izihlobo ezikude.
Ngikusho lokhu ngoba ihlala abantu abayisikhombisa ngokunethezeka.
EZOKUPHEPHA
Ngaphezu kwalokho sekwengezwe ama-airbags ayisithupha ne-ISOFIX etholakala phansi naphezulu ezihlalweni zangemuva komshayeli nakulayini wesithathu njengoba ilayisha abantu abayisikhombisa.
UStanley Anderson oyiSales and Operations Director kwaHyundai Automotive South Africa kwethulwa le moto uthe:
“IHyundai SANTA FE Hybrid imoto yomndeni. Yinhle kakhulu futhi kubashayeli abathanda ubutsetse nobuchwepheshe besimanje”
“Akukhathaleki ukuthi ibanga lingakanani kodwa le moto ithi asambe futhi ikushiya nemicabango emihle ngohambo obuluthathile,”
Ubuchwepheshe besimanje kule moto kufike nesondo elingu-20 inch alloy aqinisekisa ukuphepha okwengeziwe.

Ezokungcebeleka
Kulabo abathanda ezokungcebela bazobhema bakholwe ngoba inetouchscreen ende okwazi ukudlala kuyo umculo ngeBluetooth, Apple CarPlay ne-Android Audio. Izipikha zakhona zithi akuvele “kufiwe” ngendlea ezinomsindo ngakhona ngizizwe ngivulela phezulu umculo kaMaskandi.
Konke lokhu ukwenza ngaphandle kokuxhuma izintambo ngoba necellphone ngimane ngayibeka nje endaweni eyakhiwe kahle kwaba ukushajeka.
Ingaphakathi nengaphandle
Ngeke ngiyilibale eyezihlalo zesikhumba ezikwazi ukuzifudumeza kusukela kwezingaphambili kuya kwezingemuva komshayeli.
Okwezihlalo usebenzisa amabhathini ukuzilugisa ikwazi ukuhambisana nawe.
Uma ulindele igiya ngakwesokunxele maphansi khohlwa ngoba konke ukwenza esteringini kwesokudla.
Kunegiya elakhelene ne-indicator yilapho wenza khona izinto, ekakhiye vele isifana nomhlobiso ngoba uyisusa uyicishe ngokucindezela ibhathini.
Khohlwa uma uzolindela ukuyizwa iduma, ubona ngokukhanya kwamalambu ngaphakathi ukuthi isilindele ukusuka.
Uma iza nganeno ukhangwa amalambu eLED anophawu uH ogqamile nohehayo kuhle kwentombi enamahlehlo amakhulu.
Ngemuva akukho okuhlukile nokuthusayo kunalakho omunye ubengafisa ukuthi ithi ukuba namahips noma isinqe kancane ukuze kube “yintombi” egcwele.
Ukonga neZokuphepha
Njengoba kuhlale kukhalwa ngamanani aphezulu kapetrol iSANTA FE Hybrid yinhle kakhulu ngoba ngo-100 km kudleka nje amalitha angu-7.5.
Kwezokuphepha kwengezwe i360-View Monitor, Drive-Attention Warning, Blind Spot Collision-Avoidance Assist, Blind-Spot View Monitor, Rear-Occupant Alert, Forward-Collision Avoidance Junction kanye neLane-Follow Assist phakathi kokunye. Ngiyakunxenxa ukuthi uke uvakashele amagaraji akwaHyundai ngeke uzisole.
Amanani neWarranty
Le nsobonsobo (Hyundai SANTA FE Hybrid Elite AWD) ibiza uR 1 249,900.
Iphuma newarranty ka-7-year/200,000 km lokhu kuhlanganisa nebattrey enewarranty yeminyaka engu-8/160 000 km.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



