
Umunyu kwinkonzo yokuvalelisa uCobrizi
Sane Mseleku
Umunyu ububhalwe ebusweni kubalandeli nozakwabo baPresley Chweneyagae abebehambele inkonzo yokumvalelilsa.
Inkonzo ibibanjelwe e-Akasia Community Hall, ePretoria, ngoMgqibelo.
UChweneyagae ubebuye aziwe ngoCobrizi kanti wazekhela ugazi nodumo ngokulingisa phambili kwifilimu iTsotsi noTerry Phetho.
UCobrizi uhambe ngokukhulu ukuzuma ngesonto eledlule.
UCobrizi uke wadlala nakwi The River nakweminye imidlalo edumile kuleli.
UCobrizi wahlomula enye yezindodo ezinkulukazi i-Oscar Award.
Umndeni, abangani, ozakwabo kanye nabalandeli bakhe baphume ngobuningi ukuya kohlonipha okokugcina le nsizwa.
Umndeni wakwamakoti wakhe wakhe nawo uthi ufe olwembiza.
Uyise wenkosikazi yakhe uthe: “KuCobrizi ngithole indodana hhayi umkhwenyana, ubesibona njalo ngesikhathi samaholidi noma uma ethathe ikhefu emsebenzini, “kusho ubaba kankosikazi wakhe.
Unkosikazi wakhe uCharlaine Kirk uthe ubewuthanda kakhulu umndeni wakhe aze awuphekele, ethanda nokudla kwamamezala wakhe.
Ngesikhathi kusukunyiswa ozakwabo bayovalelisa bahluleke nawukuzibamba izinyembezi.
Baveze ukuthi ubengeke ukwazi ukumdinelwa ngoba ubehlezi eneme.
Omunye wozakwabo uWarren Masemola ukhale kakhulu wathi:
“Idlela abebezwana ngayo bekungathi umfowabo kanti nendlela abekhombosa ngayo uthando ibithusa”
“Okunye okuvelile ngaye umufi ukuthi ubethatha umbhalo angene kuwona khaxa, abe yilento efunekayo nokungaphezulu”
“Ubefaka nokwakhe enze kubemnandi kakhulu. Ubedume nangeSingisi sakhe saseNgilande”.
Unkosikazi kaChweneyagae’s uCharlaine Kirk wengeze ngokuthi uzomkhumbula umyeni wakhe ngokuba nenhliziyo emnene.
Uthi ubengumuntu ohlezi ephokophele empumelelweni.
“Ubeletha injabulo kubona bonke abantu abaseduze naye, ubephilela umndeni wakhe nabalandeli.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



