Ezokungcebeleka

Izixoliso oMaskandi bengaphumeleli kokaKhuzani

Sihle Mkhize

Zilokhu zingenile izixoliso kubaculi baMaskandi abehlukene abangaphumelelanga emcimbini kaKhuzani Mpungose obuse Carnival City, eGoli.

Omunye wabo uSenzo “Ntencane” Zondi osezwakalise ukuxolisa okukhulu.

Uveze ukuthi ubhekane nenkinga yendiza ebisuka e-East London, e-Eastern Cape, nalapho kube khona izinkinga enkampanini ebimhlelela izindiza.

Uthi lokho kuphoqe ukuthi agcine esefika sekwedlule isikhathi eGoli.

“Kunenzindawo ebekumele ngiyonandisa kuzo kodwa kwagcina kungenzekanga. Uhambo lwami luqale eEast London,”

“Ngithanda ukubonga abahleli nabantu abebephume ngobuningi babo ukuzosibona. Ngibanjezelwe izindiza. Sifike esikhumulweni sezindiza ngesikhathi kodwa uma sesifikile sanenkinga,” usho kanje.

UKhuzani uphumele obala wazwelana nabaculi abangaphumelelanga.

“Ngicela ukucacisa ukuthi abekho abaculi abenze ngamabomu ukungafiki emcimbini. Bonke abaculi baxhumanile nathi babika izinselelo ababhekane nazo endleleni. Abanye bebenezinye izibopho imicimbi efinyelela ngisho ku-4 ngosuku kodwa bagcine beya kowodwa ngenxa yokuqhelelana kwezindawo, ”

“Uma bebezoqala eCarnival City, lokhu bekuzosho ukuthi nezinye izindawo zizobaphutha. Lokhu akusikho okokuqala kwenzeka ngisho nami kwesinye isikhathi ngiyaphuthelwa yimicimbi uma iminingi ngosuku olulodwa”

“Masikhulume ngobuhle obenzeke emcimbini nokunye okube yimpumelelo, futhi siyabonga kakhulu ngothando nokwesekwa. Abaculi nabo bayacela ukuthi nisibekezelele futhi nisiqonde lesi simo. Lo akuwona umcimbi wokugcina kuseza imicimbi eminingi, nabo baphatheke kabi ngoba bebefisa ukuzonyakazisa ngamanoni wabo eniwathandayo futhi bazofika bezonijabulisa nakweminye imicimbi ezayo,” kuchaza uKhuzani.

Uyivale ngokuthi iningi labaculi ebebengekho wayenabo ngonyaka odlule okukhomba ukuthi bayathanda ukuba naye.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button