
UNgqongqoshe uMchunu ukhokhiswa u-R580 000 wamademeshe
Uzokhokhelwa uR580 000 wamademeshe owesifazane owaboshwa ngephutha esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport.
UCynthia Khedama waboshwa ngomhla ka-3 December 2011 wavalelwa eTongaat Police station ayayinuka phu indle izinsuku ezingu-12.
UKhedama ubefuna ukunxeshezelwa ngo-1 million eSupreme Court of Appeal kodwa uNgqongqoshe wamaphoyisa wakhala kwagcinwa kuvunyelenwe ngoR350 000.
Ngonyaka ka-2011 uKhedama owayeneminya engu- 30 ubudala wayesebenza njengemanager esitolo sezingubo.
Ngesikhathi eboshwa wayesendleleni ebheke eTurkey nomqashi wakhe.
Uthi wasukelwa amaphoyisa amabili amthatha ayompheka ngemibuzo amahora amabili ngohambo oluya eTurkey ayeluthatha.
Amaphoyisa akagculisekanga ngezimpendulo zakhe nokwenza waboshwa.
Kwavulwa isuitcase kwachithwa phansi zonke izimpahla zakhe phambi kwabantu.
Uthi wazithola ehliswa isithunzi ngendlela eyisimanga.
Uthi wacela iphoyisa elalimbopha ukuthi alixhumane nelinye eliseKapa nowayekade ekhulume nalo mayelana nezinsolo zokukhwabanisa.
Wayefuna ukuthi liqonde ukuthi phambilini wayelahlekelwe umazisi.
Yize sebexhumene baxoxa bazwana kodwa wagcina evalelwe.
Wavunyelwa ukufonela isoka lakhe kuphela ukuba lizothatha isuitcase.
Amaphoyisa alihhahhameza leli soka basola noMakhedama ngokujola ne ‘kwerekwere’ okuyigama elicwasayo.
Emuva kwesonto egqunywe eTonngat wadluliselwa eKapa kwathathwa amafinger print kwavela ukuthi akayena umsolwa ofunwayo.
Yize sekuvelile ukuthi akathinteki ndawo kodwa wagqunywa obunye ubusuku esitokisini.
Agcina esuliwe amacala wakhe NgoMashi 2012, ngonyaka olandelayo wabopha lo Mnyango wamaphoyisa.
IJaji elibambile uDaniel Vuminkosi Dlodlo uthe uyawaqonda amademeshe adaleka kuKhedama, hhayi ngokomqondo kodwa nasemsebenzini kwalimala nesithunzi sakhe.
“Wahlukunyezwa ngabantu okwakumele ngabe bayamvikela. Nesimo sendawo ayegcinwe kuyo sasingagculisi”
“Imali efanele akhokhelwe yona uR580 000 nenzalo yakhona” kusho iJaji.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



