
Injabulo kuRachel ebuyela kwiSkeem Saam emva kweminyaka
Liyah Mseleku
Uhluleke nawukuzibamba ngenxa yenjabulo yokubuyela kwithelevishini umlingisi wakuleli ongaconsi phansi uLesego Marakalla.
UMarakalla kodwa osezakhele ugazi nodumo ngokulingisa indawo kaRachel Kunutu unxenxa abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngomhla ka-10 June bangalenzi iphutha ngoba izodlala itv.
Ubuya nje uRachel, bese kuphele iminyaka emihlanu engabonwa nangokhalo ekulingiseni ngenxa yezifundo akhetha ukugxila kuzo.
Ngaleso sikhathi kwakungacaci ukuthi uyoke abuye endimeni noma cha.
Ubuya noMacks Senatla olingisa indawo kaMarothi Maphuthuma umkhwenyana kaRachel ohlezi esusa ukukhuluma.
Ngokwesitatimende sabadidiyeli balo mdlalo bathi ababukeli basazosala benkemile ngenxa yedrama equkethwe la.
Ekubuyeni kwaRachel uzithola ehlangana nabantu abangalungile okungu-Archie Nhlapho owake walingisa kwiLord of the Files.
Kulowo mshungu wabalingisi ‘abangalungile’ kukhona noTsepo ‘Howza’ Mosese owazakhela udumo ngokwethula izinhlelo kwithelevishini.
Ekhuluma ngokubuya kwakhe uRachel uthe:
“Kuyintokozo ukubuyela la. Akusikhona ngami kodwa nabalandeli abakujabulelayo engikwenzayo abasakwazi ukulinda bangibone. Kudala bengibuza ukuthi kanti ngibuya nini kwiSkeem Saam”
“Manje ke sebezobhema bakholwe,” usho kanje.
Kuyintokozo ukusho ukuthi uRachel ubuya evutha bhe kwithelevishini yakho,” usho kanje.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



