Ezokungcebeleka

Umngcwabo kaSiqiniseko wodumo lwaMaskandi kuTik Tok

Bahle Mkhize

Obengumhlaziyi womculo kamaskandi kuTikTok, uLangelihle Mthembu kodwa obedume ngelikaSqiniseko Mvelase, uzongwatshwa emathuneni asekhaya kwaNodunga, KwaMaphumulo.

Inkonzo yomngwcabo izokuba seMpungeni Primary kule ndawo.

USqiniseko (27) udutshulwe wabulawa ngumuntu ongaziwa esahlaziya kuTikTok.

Kuthiwa ubesegcekeni lomuzi abegobe kuwo amadlangala eDunnator, eNigel eKurhuleni ngoLwesine ngezithuba zabo-11.49 ekuseni.

Le nsizwa beyaziwa njengomlandeli omkhulu kaMthandeni Manqele.

“Konke sikubeka kuMdali”

Ubhale kanje uManqele ekhombisa ukuzwelana nesimo esibhekene nomndeni wakwa Mthembu.

Lo mbhemu (Siqiniseko) wakwa Maphumulo enhla nesifundazwe saKwaZulu-Natal ubeyisitha sikaKhuzani obehlale emgxibha nabanye kwiTik Tok.

Umufi ungenelwe abantu ngesonto eledlule bamdubula ebukhona kuTik Tok kwaphela kanjalo.

Ngaphambi kwalezi zigameko kwahlaselwa kwabulawa eJulisi, uMnuz Dubula Mbatha wakwaNongoma.

Le nsizwa yayisizakhele udumo enkundleni yokuxhumana iTikTok.

Kuthiwa Dubula wayebekade ezikhiphile beyodla inyama nabangani bakhe ngesikhathi edutshulwa ngezinhlamvu ezingaphezulu kwezinhlanu.

Wangeniswa esibhedlela, washona ngoMsombuluko okuwusuku olulandela owadutshulwa ngalo.

Waziwa kakhulu ngokuba umlandeli wokuqina weGcokama Elisha no-Ali Mgube njengoba nasezinkundleni zikuxhumana bekade eseka bona kakhulu.

Ukubulawa kwakhe ayikaziwa imbangela yakho kodwa abaningi basola ukuthi kuhlobene nezenzo zakhe zokuhlasela abantu ngenhlamba kule nkundla yezokuxhumana.

Umculi kamasikandi u-Ali Mgube, waqopha ivideo ekhalisana nomndeni, izihlobo nabalandeli bakaMaskandi.

Enkulumweni yakhe, uxwayise kakhulu izinkundla zokuxhumana.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button