Ezokungcebeleka

Uyaxolisa uScott Maphuma ngempakamo emkhiphe ebantwini

Liyah Mseleku 

Umculi wamaPiano odume ngelika Scott Maphuma (29) nosenuka iqaqa ngenxa yempakamo kubalandeli usexolisile.

Lo mculi owazalwa enguMpho Lebajoa uzakhele isidima kubalandeli bakhe ngokunqaba ukushutha uma bemcela.

Ekhuluma kwiPodcast kaL-Tido emasontweni adlule wabuza ukuthi ngesikhathi engakadumi babeshutha nobani labo bantu.

Kulokhu usecula elinye iculo njengoba beyilokhu ikhula ingcindezi yokuthi akazehlise axolise.

“Ngithi angithathe lo mzuzwana ngizithobe bese ngixolisa kubo bonke abalandeli bami. Abanye benu ngibenzele phansi,”

“Ukukhula kuhambisana nokukwazi ukubhekana nezinselelo. Ngizibophezele ukwenza kancono kimina nakubalandeli,”

“Ngisakholelwa kimina ngiyabonga,” kuxolisa uScott Maphuma.

Uxolisa nje abathandi bomculo babukise ngaye kwiCotton Festival bamane babanda banganyakaza sekungene yena estage.

Babanda nje udedela izingoma ezithandwayo okubalwa esihloko sithi Yebo Lapho, Ngibolekeni nezinye.

Lo mcimbi wenziwa minyaka yonke eNewtown, eGoli. Kulokho ubongomhla ka-26 April.

Bamphindile futhi eCoyotes Lifestyle, eMpumalanga, bamziba sengathi abamazi noma umculi oseyivukane.

Omakadebona emculweni okubalwa u-Oskido uzama ukumcubuzela amagabade.

Unameke isithombe sabo ezinkundleni zokuxhumana basendaweni yokudlela.

Ube esebhala ukuthi:”Ngichithe isikhathi esihle noScott Maphuma kuhlezi ngijabule ngokuphokophela kwakhe phambili,”

“Umuntu uyashintsha ngikwazile ukumlalela,” usho kanje u-Oskido.

Related Articles

Back to top button