Izindaba

Uvutha bhe uMalema ogqojwe ivisa yokungena e-England

Philasande Luthuli 

Uphenduke umtshingo ubethwa ubani umholi we-Economic Freedom Fighters uMnuz Julius Malema bemvalela ngaphandle ukuthola iVisa yokungena eLondon kwelase-England.

UMalema ubethi ulibangisa kuleliya lizwe lamaNgisi ukuyoba yingxenye yengqungquthela ebizwa ngeCambridge Conference.

Lo mholi we-EFF bekumele alifulathele ngoLwesithathu elakuleli elibangise khona.

Okumphule inhliziyo wukuzwa ngomzuzu wokugcina ukuthi ngebhadi akayitholanga imvume yokungena eNgilandi.

“Iziphathimandla zaseBritain banginqabelule imvumo (visa) yokuya eLondon kwiCambridge Conference kule mpelasonto esiya kuyo,”

“Akukho nezizathu ezitheni abazibikayo, kusobala ukuthi le imizamo yokuvala imilomo umuntu onombono ohlukile kunosoplotiki abazazi beyizikhondlakhondla,”

“Ngikhuluma nje sisesikhumulweni sezindiza i-OR airport sithenjiswe ukuthi yonke into izobe isilungile ngo-15:30,”

“Kunalokho sithole incwadi isazisa ukuthi sekusele amahora amane ngaphambi kokuthi indiza isuke. Ayamukelekile lento ikhombisa ukungabi namgogodla,” kubhoka uMalema.

Uthe lokhu okwenzekayo akwamukelekile, kuyamcacela ukuthi lokhu kuyimizamo yokumvala umlomo futhi kunenhlese yepolitiki.

Sekuvele kwavuka usawoti ogqokweni njengoba abaningi sebehlawumbisela ukuthi isitatimende asenza ngo-2022 yiso esambangela isigcwagcwa.

Ngalowo nyaka kwakukhotheme iNdlovukazi yamaNgisi u-Elizabeth Alexandra Mary Windsor.

I-EFF yakhipha isitatimende esikhombisa ukungazwelani nokukhothama kweNdlovukazi.

Phakathi kokunye yathi ikhumbula izikhathi ezinzima eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika icindezelwe amaNgisi kubusa u-Elizabeth Alexandra Mary Windsor.

Related Articles

Back to top button