Izindaba

Kuzingelwa ababulele, badlwengula, babamba nenkunzi omzini owodwa

Amaphoyisa asesifundazweni iLimpopo athi ngeke akuthole ukuphumula uma bengakaboshwa abasolwa ababili abafunelwa amacala okudlwengula, ukubulala nokuphanga.

Ngokusho kwaBrigadier Hlulani Mashaba okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uthi lesi sigameko esihlasimulisa umzimba senzeke emzini owodwa eMalamulele.

“Ubaba oneminyaka engu-43 ubudala ubelele endlini ngezikhathi zabo 2:30 am ngesikhathi ezwa isicabha sivuleka ngendluzula,”

“Ubone ngamadoda amabili abezifihle ubuso,” usho kanje.

Lezi zigilamkhuba zikhombe lo wesilisa ngesibhamu bamfuna imali neselula ngendlakadla.

Nokho ukwazile ukubanika iselula wabatshela ukuthi imali akanayo.

Uthe esabheke lokho bambopha ngezintambo badlulela kwelinye igumbi lapho befike izingane zilele.

Emuva kwemizuzwana lo wesilisa uzwe ukuqhuma kwesibhamu izihlandla wazama ukuziqaqa efuna ukulunguza ukuthi kwenzekani ezinganeni.

“Kutholakale umfana oneminyaka engu-20 ubudala opha kanzima enenxeba lokudutshulwa esiphongweni,” kulandisa uMashaba.

Ubaba waleli khaya udlulele kwelinye ikamelo lapho efike wazithela phezu kwendodakazi yakhe eneminyaka engu-17 ubudala idlwengulwe ngomunye wezigelekeqe.

“Lezi zigilamkhuba zibalekile nezimpahla okubalwa iselula, laptop, ithelevishini, ibhayisekili, igrinder ebiza R36,300 nechainsaw,” kuqhuba uMashaba nokulandisa.

Abagilwa baphuthunyiswe esibhedlela ukuthola usizo lwezempilo kodwa ngeshwa umfana ugcine ngokushona.

UKhomishana wesifundazwe emaphoyiseni kulesi sifundazwe uLieutenant General Thembi Hadebe uswkhiphe umyalelo wokuthi akusetsheziswe lonke ithuluzi ukubamba lezi gebengu.

“Sengiyalele amaphoyisa aseMalamulele ukugadla ngakho konke esinakho ukuqinisekisa ukuthi abasolwa bayabanjwa babhekane nengalo yomthetho,” kusho uLieutenant General Thembi Hadebe.

Related Articles

Back to top button