Izindaba

Uvelile uPhakela ovinjwa abokufika ngakubo

Aphelele Cebekhulu

Izinkumbi zabantu edolobheni lakwaNongoma enhla nesifundazwe ziphume ziphume ngobuningi ziyokweseka uNkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba.

Lesi ‘sigqwaga’ esehlezi siphambili kubantu abalwisana nabokufika abangekho emthethweni kuleli besivele eNkantolo yakwa Nongoma.

Ubhekene necala elivulwe umuntu wokufika waze wamenzela incwadi yesivimbelo.

Usolwa ngecala lokuphazamisa abokufika ezitolo zabo.

Le ncwadi imyalale ukuthi angabe esawubeka umcondo wakhe kuleli dolobha langakubo.

Ekhuluma neLANGA uthe uyile enkantolo kodwa icala lahlehliselwa umhla ka-22 May.

Uveze ukuthi ujabulele indlela abaphume ngayo ukuyomeseka, athi kukhomba ngokusobala ukuthi abantu bakhathele wukuhlukunyezwa.

“Abantu esikhulume nabo bazwakalise ukukhathazeka ngokuthi izingane zabo ziyisulu zezidakamizwa ezizithola kubona laba bantu bangaphandle, okugcina sekwenza izingane ziziphathise okwezilwane,” esho.

Kusabalale izithombe ezinkundleni zokuxhumana, abantu beviliyela KwaNongoma, bethi kabafune lutho oluzothinta uPhakela.

UVusimuzi Sipho kuFacebook uthe:

“Mholi sinawe, la ngikhona ngiyafuna ukuphakama ngibagodukise labafethu.

Angazi noma niyazi ukuthi khona izinkabi eziphila nazo ezibagadile ziyahola kubona nyangazonke uma ubathinta kufika zona kuwe”

Mina ngishoda ngezinsizwa la eDBN ,ward 11 Quarryhiets, Avoca Hills,” Usho kanje.

Related Articles

Back to top button