
I-FBI ibalanda bephila abeseNigeria eMzansi
Sindiswa Nxumalo
INkantolo ePhakeme yaseNtshonalanga Kapa isinqabile isicelo samadoda ayisishiyagalombili aseNigeria ayingxenye yeqembu elibizwa ngeBlack Axe.
Leli qembu libandakanyeka ebugebengwini obunodlame, ngakolunye uhlangothi i-EFF ibingaboni lutho olubi ngabo.
IBlack Axe beyifake isicelo sokuthi bahlale eNingizimu Afrika bangabuyiselwa e-USA lapho bebhekene khona namacala okukhwabanisa, ukwebiwa kobunikazi kanye nokushintshana ngemali okungekho emthethweni.
I-FBI yafaka isicelo ngo-2024 sokuthi babuyiselwe e-USA ukuze bayobhekana namacala wabo.
Laba basolwa bebehlala endaweni yomtakabani betemuka eKapa, eNingizimu Afrika, amalungu amaningi eBlack Axe kuthiwa asezinze kuleli.
Izinhlaka ezahlukene okubalwa iMarch and March ishaye amakhala ithi uhulumeni sonke lesi sikhathi ibingamkhathazi le ndaba.
Njengoba inkantolo isinqumile ngalaba abayisishiyagalombili kuzofanele babuyiselwe e-USA bayobhekana necala.
Ithemba labaningi selikwi FBI ukuthi izobathatha bonke labo abasolwayo.
Amagama abasolwa abafunwa yi-FBI ilawa: uPerry Osagiede, Enorense Izevbigie, Franklyn Edosa Osagiede, Osariemen Eric Clement, Collins Otughwor, Musa Mudashiru kanye noToriseju Gabriel Otubu.



