Ezokungcebeleka

Utshwala bucishe baqeda ngempilo yami – DJ Twitty

Sindiswa Nxumalo

UPhilani ‘DJ Twitty’ Khuzwayo uphumele obala ngezinkinga ezacishe zamkhipha umphefumulo kwezikaqed’isizungu.

Ubalule izidakamizwa nophuzo oludakayo okube izingqinamba abhekane nazo kule minyaka ewu-21 esendimeni yomculo.

Leli ciko beligeqa amagula ngezinkinga zalo ohlelweni olusakwazwa uBongani noSli kwiVuma FM ngesikhathi bexoxa ngomlando wohambo lwakhe emculweni.

UDJ Tweety uveze ukuthi wayeke eshayele budedengu ngenxa yophuzo oludakayo:

“Njalo uma ngisezingozini ngangisuke ngiphuzile,” kusho uTweety.

Uqhubeke wathi bebehambela izindawo ezikude beyosebenzela khona okubala kuzo i-Eastern Cape.

Uma besemgwaqeni babesuke bephuza kodwa beshayela nokwakuholela ezingozini. Uthi useneminyaka eyisishagalombili wagcina ukuphuza utshwala.

“Izinto eziningi ngizenzile kusenesikhathi, ngiyambonga uNkulunkulu,” Ephendula umbuzo wokusebenzisa isidakamiza esaziwa ngomgwinyo (ecstacy) uthe:

“Kwakuyisigaba sokukhula, sasiyenza lonto sizijabulele bese siyokwenza izingoma estudio,” kuphendula uTwitty ehleka.

Ube esekhuthaza ngelokuthi kumele uyimele into uma uyiqalile, ikakhulu uma uthi uyeka uphuzo oludakayo ungadudwa abangani.

UTweety wazalelwa endaweni yasePietermaritzburg kodwa uthando lwakhe lomculo lwamthatha lwambeka eThekwini.

Waduma kakhulu ngezingoma zakhe ezithi Thando Lwam, All My Love nethi Ofana nawe.

NB: Ad placement WhatsApp/Call 073 062 11 69

Related Articles

Back to top button