Izindaba

Ubhodla umlilo umndeni woshone kwiDisciplinary Bootcamp

Sindiswa Nxumalo

Ubhodla umlilo umndeni wesilisa oshone kwisikhungo sokuhlumelelisa izimilo nokuqondisa izigwegwe intsha engene shi ezidakamizweni kwiDiciprlinary Bootcamp.

Kusolakala ukuthi umufi ubezama ukweqa kodwa wabanjwa wapanishwa ngakusasa wacela ukubonana nodokotela nokuyilapho ephelele khona.

Ngokwesitatimende somndeni kuvela ukuthi kube nokufihlelwa ngempilo yomntwana wabo nokuthi washona kanjani.

Ngokusho kwadadewabo kamufi, uthi ngomhla ka-21 ngesikhathi befona bebuza impilo kwathiwa ukahle.

“Ngomhla ka-22 safonelwa kwathiwa usesibhedlela asiphuthume siyombheka”

Uqhubeke wathi bafika esibhedlela umhlengikazi wabatshela ukuthi ufike esibhedlela esethule.

Kube sekuqhamuka owayemlethe esibhedlela ngemoto yakhona wathi washaywa abanye ozakwabo.

Emva kokuzwa lokho babe sebenikela emaphoyiseni, amaphoyisa abathatha abahambisa emakhazeni.

“Samfica elimele umzimba wonke eshayiwe, nasekhanda wayeshaywe kanzima, ubuchopho buchithekile buphuma ngamakhala nomlomo,” kusho isitatimende.

“Ngakusasa kwafona uGeneral iNkosi uMadlokovu ethi uzovela ekhaya uzwile ngesehlo usazophenya kodwa akaze afike”

Babe sebefonela umseshi becela ukuthi abaphekezele beyolanda umphefumulo wakhe la ashonele khona ngoba abakwazi bona.

“Umseshi wathi yena akekho futhi ngeke akwazi uzositholela amaphoyisa azosisa lapho”

Uthi baphinde babuyela kuye uMadlokovu bembuza ukuthi uzoqhamuka nini ukuze abatshengise la kwashonela khona umfana wathi yena useCape Town.

“Samcela ukuthi asiyalele indawo ukuze sihambe siyomulanda ngehlahla njengosiko lwesiZulu kepha wangafuna,”

UMadlokovu ube esekhipha isitatimende esithi:

“Ngicela nazi ukuthi lolu daba selusezandleni zabameli bethu, ngakhoke siyacela ukuthi niyeke ukubhala noku sabalalisa ulwazi olungamampunge ngoMadlokovu kanye nesikhungo sakhe”

Siqhubeke sathi amagama nolwazi olusabalaliswe ngegama lakhe seluqoqiwe kanti izincwadi zezikhalazo bazozithola.

NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button