Ezokungcebeleka

UNicki Minaj uvundulula amanyundululu kaTrevor Noah 

Sindiswa Nxumalo

USomahlaya osezakhele udumo emhlabeni uTrevor Noah usephenduke umnyamanambane kwisihlabani somculo uNicki Minaj noMengameli waseMelika uDonald Trump.

UMinaj wethuse abaningi ngesikhathi ethi uTrevor akaphumele obala.

“UTrevor uyanqaba ukuphumela obala ekubeni endimeni kuyaziwa ngaye nesoka lakhe,” kubhale uNicki ku X.

“Iciko lenu enilithandayo lenza imigubho yakwa Sathane. Bathatha izingane ezincane emazweni bazicwiye bazibulale njengo mhlatshelo wegazi kuNkulunkulu wabo,” kugadla uMinaj kwiX.

Uqhubeke wagigiyela egadla wathi uma iqhawe lakho kunguSathane, kancane kancane uchitha igazi.

Lempi yomlomo isuke emuva kokuthi uNoah egadle kuqala kuMinaj ngokweseka kwakhe uMengameli uTrump.

“UNicki Minaj akekho kodwa ulaphana eWhite House benoDonald Trump badingida izindaba ezibalulekile,” kugadla uNoah.

Izinkumbi zezicukuthwane ebezihambele amaGrammy Awards bamshayele ihlombe  ngesikhathi ehlekisa ngoMinaj kodwa yena (Minaj) wangahleka wanyukubala engaliboni ihlaya kulokhu.

Ukuxokozela kuze kwafika kuTrump naye oveze umbono wakhe ngoNoah osenuka iqaqa.

“UTrevor Noah uhlulekile ukuphatha umcimbi wamaGrammy futhi leyanto yakhe yayingabukeki,” kusho uTrump.

Uqhubeke wathi akaqondi ukuthi wayesho ukuthini uma ethi uchithe isikhathi esiqhingini sikaJeffery.

NB: Ad placement WhatsApp/Call 073 062 11 69

Related Articles

Back to top button